Imithetho yempi
1Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, besewubona amahashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.
2Kuyakuthi lapho nisondela empini, afike umpristi, akhulume kubantu, athi kubo:
3Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,
4ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.
5Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule.
6Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu asidle.
7Ngumuphi umuntu onengoduso engayithathanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayithathe.
8Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu, zithi: Ngumuphi umuntu owesabayo enenhliziyo edangeleyo na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.
9Kuyakuthi lapho izinduna seziqedile ukukhuluma, zikhethe izinduna zamabandla eziyakubahola abantu.
10Nxa usondela emzini ukulwa nawo, mawumemezele ukuthula kuwo.
11Kuyakuthi uma ukuphendula ngezwi lokuthula, uzivulele kuwe, abantu bonke abafunyaniswa phakathi kwawo babe-yizinceku zempoqo, bakukhonze.
12Uma ungenzi ukuthula kuwe kepha ukuhlasela, uyakuwuvimbezela,
13nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ewunikela esandleni sakho, uyakushaya bonke abesilisa bawo ngosiko lwenkemba,
14kepha abesifazane, nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo, uyakukuthatha kube-yimpango yakho, uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akuniké yona.
15Uyakwenze njalo kuyo yonke imizi ekude kakhulu nawe, engesiyo imizi yalezizizwe.
16Kodwa emizini yalababantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe-yifa lakho awuyikusindisa-lutho oluphefumulayo,
17kepha uyakubabhubhisa nokubabhubhisa: amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi njengokukuyala kukaJehova uNkulunkulu wakho,
18ukuze banganifundisi ukuba nenze zonke izinengiso zabo abazenzile konkulunkulu babo, none kuJehova uNkulunkulu wenu.
19Nxa uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuba uwuthathe, awuyikuyichitha imithi ngokuyigalela ngezembe, ngokuba ungadla kuyo; ungayigawuli, ngokuba umuthi wasendle ungumuntu yini ukuba uvinjezelwe nguwe na?
20Imithi oyaziyo ukuthi ayisiyo imithi yokudla, yiyona kuphela oyakuyichitha, uyigawule, wakhe izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwe.