Imizi yokuphephela
1Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakunquma izizwe ezizwe lazo uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, besewuzixosha, wakhe emizini yazo nasezindlini zazo,
2uyakuzahlukanisela imizi emithathu phakathi kwezwe lakho akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle.
3Uyakuyilungisa indlela, wahlukanise kathathu imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, ukuze bonke ababulali babalekele khona.
4Nansi indaba yombulali oyakubalekela khona aze aphile: yilowo nalowo obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi,
5njengomuntu oya ehlathini nomakhelwane wakhe ukugawula imithi, isandla sakhe besesigalela ngezembe ukunquma umuthi, insimbi iphunyuke emphinini, imshaye umakhelwane wakhe aze afe, lowo uyakubalekela komunye walemizi aze aphile,
6funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe, amfice, ngokuba indlela inde, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebekade engamzondi.
7Ngalokho ngiyakuyala ngokuthi: Uyakuzahlukanisela imizi emithathu.
8Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo, akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo,
9uma ugcina yonke lemiyalo ukuba uyenze, engikuyala ngakho namuhla, umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe njalo ngezindlela zakhe, wozithasiselela eminye imizi emithathu ngaphandle kwaleyo emithathu
10ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe-yifa lakho, besekuba-yigazi phezu kwakho.
11Kepha uma umuntu emzonda umakhelwane wakhe, emqamekela, amvukele, amshaye aze afe, abalekele komunye walemizi,
12amalunga alowomuzi ayakuthuma amlande lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba afe.
13Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wolikhipha igazi elingenacala kwaIsrayeli ukuba kube-kuhle kuwe.
Umthetho wemincele
14Awuyikususa umncele womakhelwane wakho ababewubeka abadala efeni lakho oyakulidla ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika ukuba ulidle.
Umthetho wobufakazi
15Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi, noma ngesono, noma kuyisiphi isono ona ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.
16Uma ufakazi wamanga emvukela umuntu, afakaze ngaye ngokubi,
17amadoda omabili axabeneyo ayakuma phambi kukaJehova, phambi kwabapristi nabahluleli abayakuba-khona ngalesosikhathi,
18abahluleli baphenyisise; bheka, uma ufakazi engufakazi wamanga ofakazile amanga ngomfowabo,
19niyakwenza kuye njengalokho ebecabangé ukwenza kumfowabo; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
20Abaseleyo bayakuzwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwakho.
21Iso lakho aliyikuhawukela; makube-ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.