Umbono ngezithelo zasehlobo
1INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo.
2Yathi: Amose, ubonani na? Ngathi: Iqoma lezithelo zasehlobo. Wayesethi uJehova kimi: Ukuphela sekufikile kubantu bami uIsrayeli; angisayikumdlula.
3Izihlabelelo zethempeli ziyakubangukuhewula ngalolosuku, isho iNkosi uJehova; izidumbu ziyakuba-ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!
Ukwahlulelwa kwabathengisi abakhohlisayo
4Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu,
nenichitha abaswelayo bezwe,
5nithi: Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga
ukuba sithengise ngamabele,
nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni,
senze iefa* libe-lincane, senze ishekeli* libe-likhulu,
senze izilinganiso ukuba zikhohlise,
6ukuze sithenge abampofu ngesiliva
nabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo,
sithengise ngamahlunge kakolweni.
7UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi:
Impela angiyikukhohlwa kuze kube-phakade nesisodwa sezenzo zabo.
8Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho,
balile bonke abakhileyo kuwo, na?
Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile,
unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.
9Kuyakuthi ngalolosuku, isho iNkosi uJehova,
ngilishonise ilanga emini,
ngenze ukuba kube-mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.
10Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibengukukhala,
nezihlabelelo zenu zonke zibe-yizililo,
ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke,
nobumpandla kuwo onke amakhanda,
ngikwenze kube-njengokulilela indodana eyodwa,
ukuphela kwakho kube-njengosuku olumunyu.
Indlala yezwi likaNkulunkulu
11Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi uJehova,
lapho ngiyakuthuma indlala ezweni,
kungabi-yindlala yesinkwa, kungabingukomela amanzi,
kepha kube-ngeyokuzwa amazwi kaJehova.
12Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube-selwandle,
kusukela enyakatho kuze kube-sempumalanga,
bahambahambe ukufuna izwi likaJehova,
kepha abayikulifumana.
13Ngalolosuku izintombi ezinhle nezinsizwa
ziyakudangala ukoma.
14Abafunga icala laseSamariya, bathi:
Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,
nokuthi: Kuphila kothandiweyo wakho, Beri-Sheba,
bayakuwa, bangabe besavuka.