Umbono ngezinkumbi
1INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.
2Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.
3UJehova wazisola ngalokhu; akuyikubakho, usho uJehova.
Umbono ngomlilo oqedayo
4Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.
5Ngase ngithi: Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.
6UJehova wazisola ngalokhu; akuyikubakho, isho iNkosi uJehova.
Umbono ngentambo yomthofu
7Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.
8UJehova wathi kimi: Amose, ubonani na? Ngathi: Intambo yomthofu wokumisa. Yayisithi iNkosi: Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami uIsrayeli; angisayikubadlula.
9Izindawo eziphakemeyo zikaIsaka ziyakuchithwa, nezindlu ezingcwele zakwaIsrayeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.
OAmasiya noAmose
10UAmasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwaIsrayeli, wathi: UAmose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwaIsrayeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe.
11Ngokuba uAmose ushilo kanje, wathi: UJerobowamu uyakufa ngenkemba, uIsrayeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.
12UAmasiya wayesethi kuAmose: Wena-mboni, hamba, ubalekele ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona;
13ungabe usaqhubeka kodwa ukuprofetha eBethele, ngokuba liyindlu engcwele yenkosi nendlu yombuso.
14Wayesephendula uAmose, wathi kuAmasiya: Angisiye umprofethi mina, nendodana yomprofethi angisiyo, kepha ngangingumalusi, ngangitshala imithombe.
15Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi; uJehova wathi kimi: Hamba uprofethe kubantu bami uIsrayeli.
16Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi: Ungaprofethi ngoIsrayeli, ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu kaIsaka.
17Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, uIsrayeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.