UDavide uphatha kahle uMefibosheti
1UDavide wathi: Usekhona yini osele endlini kaSawule ukuba ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani na?
2Kwakukhona endlini kaSawule inceku egama layo linguSiba; bambizela kuDavide; inkosi yathi kuye: UnguSiba na? Wathi: Inceku yakho inguye.
3Inkosi yayisithi: Akusekho endlini kaSawule noyedwa engingamenzela umusa kaNkulunkulu na? USiba wathi enkosini: UJonathani usenendodana elunyonga ngezinyawo.
4Yathi inkosi kuye: Iphi na? USiba wathi enkosini: Bheka, isendlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli eLo-Debari.
5Inkosi uDavide yayisithuma yamlanda endlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo-Debari.
6UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide, wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi: Mefibosheti. Wathi: Nansi inceku yakho.
7UDavide wayesethi kuye: Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.
8Wakhuleka wathi: Iyini inceku yakho ukuba ubheke inja efileyo njengami na?
9Inkosi yayisimbiza uSiba inceku kaSawule, yathi kuye: Konke okukaSawule nokwendlu yakhe yonke ngikuniké indodana yenkosi yakho.
10Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibenokudla, kepha uMefibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami. USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.
11USiba wathi enkosini: Njengakho konke inkosi yami, inkosi, eyalé ngakho inceku yayo, iyakwenze njalo inceku yakho. UMefibosheti uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.
12UMefibosheti wayenendodana encane egama layo linguMika. Bonke ababehlala endlini kaSiba babeyizinceku zikaMefibosheti.
13UMefibosheti wayesehlala eJerusalema, ngokuba wadla njalo etafuleni lenkosi; wayelunyonga ngezinyawo zakhe zombili.