Ukunqoba kukaDavide amazwe. Izinduna zakhe
1Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, wathatha itomu lomzimkhulu esandleni samaFilisti.
2Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba-yizinceku zikaDavide, bathela intela.
3UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.
4UDavide wamaphuca abamahashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
5Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadadezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili kuma-Aramu.
6UDavide wamisa amakhanda eAramu laseDamaseku, ama-Aramu aba-yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
7UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadadezeri, waziletha eJerusalema.
8Emizini kaHadadezeri iBetha neBerothayi inkosi uDavide yathatha ithusi eliningi kakhulu.
9Lapho uThoyi inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadadezeri,
10uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi.
11Nalezo inkosi uDavide yazingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyayilingcwelisile livela ezizweni zonke eyayizahlulile:
12eAramu, nakwaMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuAmaleki, nasempangweni kaHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba.
13UDavide wazenzela igama ekubuyeni kwakhe esebulele ama-Aramu ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili esiGodini sikaSawoti.
14Wamisa amakhanda kwaEdomi; kulo lonke lakwaEdomi wamisa amakhanda, nabo bonke abakwaEdomi baba-yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
15UDavide wabusa phezu kukaIsrayeli wonke, uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.
16UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi, uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;
17uSadoki indodana ka-Ahithubi noAhimeleki indodana ka-Abiyathara babengabapristi; uSeraya wayengumbhali;
18uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabapristi.