Amafutha omfelokazi; uElisha nowesifazane waseShunemi
1Kwakhala kuElisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: Inceku yakho indoda yami ifile; wena uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uJehova; sekufiké umtshelekisi ukuzithathela abafana bami ababili babeyizigqila.
2UElisha wathi kuye: Ngikwenzelentoni na? Ngitshele. Unantoni endlini? Wathi: Incekukazi yakho ayinalutho endlini ngaphandle komfuma wamafutha.
3Wayesethi: Hamba utsheleke izitsha ngaphandle kubo bonke abakhelwane bakho, izitsha ezingenalutho, zingabi-yingcosana.
4Wongena, uzivalele ngesivalo, wena namadodana akho, uthele ezitsheni zonke lezo, ubeke ezigcweleyo eceleni.
5Wasuka kuye, wazivalela yena namadodana akhe ngesivalo; wona aletha kuye, yena wathela.
6Kwathi izitsha sezigcwele, wathi endodaneni yakhe: Sondeza kimi nesinye isitsha. Kepha yathi kuye: Akusekho-sitsha. Amafutha anquma-ke.
7Wayeseya ukumtshela lowomuntu kaNkulunkulu. Wathi yena: Hamba uthengise ngamafutha, ukhokhe isikwenetu sakho, uzondle wena namadodana akho ngaseleyo.
8Kwathi ngelinye ilanga uElisha wadlulela eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo, wamcindezela ukuba adle isinkwa. Kwakuthi njalo nxa edlula, waphambukela khona ukuba adle.
9Wathi endodeni yakhe: Bheka, manje sengiyazi ukuthi ungumuntu ongcwele kaNkulunkulu odlula kithi njalonjalo.
10Ake sixhume odongeni ikamelo phezulu, simbekele khona umbhede, netafula, nesihlalo, nothi lwesibani; kuyakuthi lapho eza kithi, aphambukele khona.
11Kwathi ngelinye ilanga wafika khona, waphambukela ekamelweni, walala khona.
12Wathi kuGehazi inceku yakhe: Mbiza lomShunemikazi. Wambiza, wema phambi kwakhe.
13Wathi kuye: Ake usho kuye ukuthi: Bheka, usinakekele ngakho konke lokhukunakekela; ungenzelwa-ntoni na? Uthanda ukukhulunyelwa enkosini noma enduneni yempi na? Wathi: Ngihlezi phakathi kwabantu bakithi.
14Wayesethi: Angenzelwa-ntoni na? UGehazi wathi: Impela akanandodana, nendoda yakhe isindala.
15Wayesethi: Mbize. Wambiza; wema emnyango.
16Wathi: Ngalesisikhathi ngomnyaka ozayo uyakusingatha indodana. Wathi: Hayi, nkosi, wena-muntu kaNkulunkulu, ungaqambi amanga encekukazini yakho.
17Kepha owesifazane wakhulelwa, wazala indodana ngalesosikhathi ngomnyaka olandelayo njengokusho kukaElisha kuye.
18Kwathi umfana esekhulile, waphuma ngelinye ilanga, waya kuyise kubavuni.
19Wathi kuyise: Ngafa ikhanda! Ngafa ikhanda! Wayesethi encekwini yakhe: Myise kunina.
20Yamthatha, yamyisa kunina; wahlala emathangeni akhe kwaze kwabasemini, wafa.
21Wakhuphuka, wambeka embhedeni womuntu kaNkulunkulu, wamvalela, waphuma.
22Wabiza indoda yakhe, wathi: Ake ungithumele enye yezinceku nenye yezimbongolo ukuba ngigijimele kulowomuntu kaNkulunkulu, besengibuya.
23Kepha wathi: Uyelani kuye namuhla na? Akusilo olokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha. Wathi: Kahle.
24Wayesebophela imbongolo, wathi encekwini yakhe: Qhuba, uhambe njalo, ungangimisi ekuhambeni, uma ngingakutsheli.
25Wayesehamba-ke, wafika kulowomuntu kaNkulunkulu entabeni yaseKarmeli. Kwathi lapho lowomuntu kaNkulunkulu embona esekude, wathi kuGehazi inceku yakhe: Bheka, nanguya umShunemikazi;
26ake ugijime, umhlangabeze, uthi kuye: Usahlezi kahle na? Indoda yakho isahlezi kahle na? Umntanakho usahlezi kahle na? Wathi: Sisahlezi kahle.
27Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wabamba izinyawo zakhe. UGehazi wasondela ukuba amxoshe, kepha umuntu kaNkulunkulu wathi: Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga.
28Wayesethi: Ngake ngacela yini indodana enkosini yami na? Angishongo yini ukuthi: Ungangikhohlisi, na?
29Wayesethi kuGehazi: Bhinca izikhali zakho, uthathe udondolo lwami ngesandla sakho, uhambe; uma uhlangana nomuntu, ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela, ungamphenduli, ubeke udondolo lwami ebusweni bomntwana.
30Unina womntwana wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya. Wayesesuka wamlandela.
31UGehazi wadlulela ngaphambi kwabo, walubeka udondolo ebusweni bomntwana; akwabakho-zwi nakunaka. Ngalokho wabuya ukumhlangabeza, wamtshela ukuthi: Umntwana akavukanga.
32UElisha esengené endlini, bheka, umntwana wayefile elele embhedeni wakhe.
33Wangena, wabavalela bobabili isivalo, wakhuleka kuJehova.
34Wakhuphuka, walala phezu komntwana, wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe, nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe; lapho esekhothama phezu kwakhe, inyama yomntwana yafudumala.
35Wayesebuya, wahambahamba khona endlini, waya emuva, waya phambili; wakhuphuka, wakhothama phezu kwakhe; umntwana wathimula kasikhombisa; umntwana wavula amehlo akhe.
36Wayesembiza uGehazi, wathi: Mbize lowomShunemikazi. Wambiza. Esengené kuye, wathi: Thatha indodana yakho.
37Wayesefika, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma.
Ukufa kwasekhanzini
38UElisha wabuyela eGiligali; kwakukhona indlala kulelozwe; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe; wathi encekwini yakhe: Beka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla.
39Kwaphuma omunye, waya endle ukukha imifino, wafumana intandela yasendle, wabutha kuyo izintangazane, yagcwala ingubo yakhe; wafika, waziklabelela ekhanzini lokudla, ngokuba babengazazi.
40Base bethululela abantu ukuba badle. Kwathi besadla lokhokudla, bakhala bathi: We muntu kaNkulunkulu, kukhona ukufa ekhanzini. Babengasenakudla.
41Kepha wathi: Lethani impuphu. Wayiphonsa ekhanzini, wathi: Thululela abantu ukuba badle. Kwakungasekho okubi ekhanzini.
UElisha usuthisa abantu abayikhulu
42Kwavela umuntu waseBali-Shalisha, walethela lomuntu kaNkulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali* ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: Banike abantu ukuba badle.
43Kepha isikhonzi sakhe sathi: Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na? Wathi: Banike ukuba badle, ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Bayakudla, kusale.
44Sase sikubeka phambi kwabo; badla, kwasala njengezwi likaJehova.