UJehoramu uyinkosi kwaIsrayeli
1UJehoramu indodana ka-Ahabi waba-yinkosi kwaIsrayeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka eyishumi nambili.
2Wenza okubi emehlweni kaJehova kepha kungenjengoyise nonina, ngokuba wasusa insika kaBali abeyenzile uyise.
3Nokho wanamathela ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo uIsrayeli, kasukanga kuzo.
Impi noMowabi
4UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwaIsrayeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.
5Kwathi lapho esefile uAhabi, inkosi yakwaMowabi yahlubuka inkosi yakwaIsrayeli.
6Inkosi uJehoramu yaphuma eSamariya ngalesosikhathi, yabala wonke uIsrayeli.
7Yaya yathumela kuJehoshafati inkosi yakwaJuda, yathi: Inkosi yakwaMowabi ingihlubukile; ungahamba nami, silwe noMowabi, na? Wathi: Ngiyakwenyuka, mina njengawe, abantu bami njengabantu bakho, amahashi ami njengamahashi akho.
8Wathi futhi: Siyakwenyuka ngayiphi indlela na? Yathi: Ngendlela yasehlane lakwaEdomi.
9Yayisihamba inkosi yakwaIsrayeli, nenkosi yakwaJuda, nenkosi yakwaEdomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa; kwakungekho-manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo.
10Yayisithi inkosi yakwaIsrayeli: Maye, ngokuba uJehova ubuthile lawamakhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi!
11Kepha uJehoshafati wathi: Akakho lapha umprofethi kaJehova ukuba sibuze kuJehova ngaye na? Enye yezinceku zenkosi yakwaIsrayeli yaphendula yathi: Ukhona uElisha indodana kaShafati owathela amanzi ezandleni zikaEliya.
12Wayesethi uJehoshafati: Izwi likaJehova likuye. Base behlela kuye inkosi yakwaIsrayeli, noJehoshafati, nenkosi yakwaEdomi.
13Kepha uElisha wathi enkosini yakwaIsrayeli: Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko. Kepha inkosi yakwaIsrayeli yathi kuye: Hayi, ngokuba uJehova ubizile lawomakhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.
14Wayesethi uElisha: Kuphila kukaJehova-Sebawoti engimi phambi kwakhe, uma bengingamazisi uJehoshafati inkosi yakwaJuda, ngempela ngingeze ngakubheka, ngingeze ngakubona.
15Kepha manje ngiletheleni umbethi wogubhu. Kwathi umbethi wogubhu esabetha, isandla sikaJehova saba-kuye.
16Wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Yenza lomfula ube-nemigodi ngemigodi.
17Ngokuba uJehova usho kanje, uthi: Aniyikubona umoya, aniyikubona imvula, kepha lomfula uyakugcwala amanzi; niyakuphuza nina, nezinkomo zenu, nezinye izilwane zenu.
18Lokhu kulula emehlweni kaJehova; uyakunikela abakwaMowabi esandleni senu.
19Niyakuchitha yonke imizi ebiyelweyo nayo yonke imizi ekhethekileyo; niyakuwisa yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, none zonke iziqephu zomhlaba ngamatshe.
20Kwathi ekuseni ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu, bheka, kwafika amanzi ngasendleleni yakwaEdomi, izwe lagcwala amanzi.
21Sebezwile bonke abakwaMowabi ukuthi amakhosi enyukile ukulwa nabo, babuthana bonke abaqalé ukubhinca izikhali kuya phezulu, bema emkhawulweni.
22Bavuka ekuseni, ilanga lakhanya emanzini, abakwaMowabi bawabona amanzi malungana nabo ebomvu njengegazi;
23bathi: Lokhu kuyigazi; ngempela amakhosi alwile, abulalene enye nenye; ngalokho ekuphangeni-ke, Mowabi!
24Sebefiké ekamu* likaIsrayeli, abakwaIsrayeli basuka bashaya abakwaMowabi, baze babaleka ebusweni babo; bangena ezweni labo bechitha abakwaMowabi.
25Bachitha imizi, naseziqeshini zonke ezinhle zomhlaba baphonsa, kwaba-yilowo nalowo itshe lakhe, bazigcwalisa; bavimba yonke imithombo yamanzi, bawisa yonke imithi emihle, kwaze kwasala amatshe aseKhiri-Haresheti kuphela; kepha abezindwayimana bazungeza, balishaya.
26Yathi ibona inkosi yakwaMowabi ukuthi ukulwa kuyayahlula, yathatha abantu abangamakhulu ayisikhombisa abahosha inkemba ukufohlela enkosini yakwaEdomi, kepha bahluleka.
27Yayisithatha izibulo layo ebeliyakubusa esikhundleni sayo, yanikela ngalo libe-ngumnikelo wokushiswa phezu kogange. AbakwaIsrayeli behlelwa yintukuthelo enkulu, basuka kuyo, babuyela ezweni lakubo.