Isiprofetho sikaIsaya ngabaseAsiriya
1Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.
2Yathuma uEliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswé izindwangu zamasaka, kuIsaya umprofethi, indodana ka-Amose.
3Bathi kuye: Usho kanje uHezekiya, uthi: Lolosuku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.
4Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa onke amazwi kaRabi-Shake othunywé yinkosi yaseAsiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.
5Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile kuIsaya,
6uIsaya wathi kuzo: Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawomazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yaseAsiriya ezingithuké ngawo.
7Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.
8Wayesebuya uRabi-Shake, wafumana inkosi yaseAsiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.
9Kepha isizwile ngoTirahaka inkosi yaseKushe ukuthi: Bheka, uphumile ukulwa nawe, yabuye yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:
10Niyakukhuluma kanje kuHezekiya inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yaseAsiriya.
11Bheka, wena uzwile okwenziwe ngamakhosi aseAsiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?
12Onkulunkulu balezozizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene abaseThelasari, bazophula na?
13Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yaseAripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, naseIva, na?
14UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.
15UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli ohlezi phezu kwamakherubi*, wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.
16Beka, Jehova, indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribi athumé ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.
17Yiqiniso, Jehova; amakhosi aseAsiriya achithile izizwe namazwe azo,
18alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babengumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.
19Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wenaJehova unguNkulunkulu, yebo, wena wedwa.
20UIsaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Lokho okukhuleké kimi ngoSaneheribi inkosi yaseAsiriya ngikuzwile.
21Nanti izwi uJehova alikhulumile ngaye:
Ikudelele yakuhleka usulu intombi,
indodakazi yaseSiyoni;
ikunikinele ikhanda
indodakazi yaseJerusalema.
22Weyisé-bani, wathuka-bani, na?
Uphakamisele-bani izwi lakho,
wabhekisa phezulu amehlo akho, na?
NgoNgcwele kaIsrayeli!
23Ngesandla sezithunywa zakho uyijivazile inkosi,
wathi: Ngobuningi bezinqola zami
ngenyuké mina phezulu ezintabeni
ngaphakathi kweLebanoni;
ngigawula imisedari* yalo emide
nemisayipuresi* yalo ekhethekileyo
ngangena endaweni yalo yokugcina
nasehlathini lalo eliminyeneyo.
24Ngemba, ngaphuza amanzi angaziwayo;
ngomisa ngamathe onyawo lwami yonke imifula yaseGibithe.
25Awuzwanga ukuthi kade ngakuhlela na?
Emihleni yasendulo ngakunquma;
manje sengikulethile
ukuba uchithe imizi ebiyelweyo,
ibe-yizinqwaba.
26Abakhé kuyo babenamandla amancane,
besaba, bajabha;
baba-njengotshani basendle,
nembali notshani obuluhlaza,
nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu,
namabele ahamukile
engakakhuli.
27Kepha ukuhlala kwakho,
nokuphuma kwakho, nokungena kwakho ngiyakwazi,
nokubhovumula kwakho ngami.
28Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami,
nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami,
ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akho
netomu lami emlonyeni wakho,
ngikubuyise ngendlela
oweza ngayo.
29Lokhu kuyakuba-yisibonakaliso kuwe: niyakudla ngalomnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.
30Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyo bayakubuye bagxile phansi, bathele izithelo phezulu.
31Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova kuyakufeza lokho.
32Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yaseAsiriya, uthi:
Ayiyikungena kulomuzi,
ayiyikucibishela-mcibisholo khona;
ayiyikubhekisa kuwo isihlangu,
ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.
33Indlela eyafika ngayo, iyakubuya ngayo;
ayiyikungena kulomuzi, usho uJehova.
34Ngiyakuwuvikela lomuzi ukuba ngiwusindise
ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.
35Kwathi ngalobobusuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labaseAsiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.
36Wayesesuka uSaneheribi inkosi yaseAsiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.
37Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, oAdirameleki noSareseri bambulala ngenkemba, babalekela ezweni laseArarati. UEsari-Hadoni indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.