UHezekiya uyinkosi kwaJuda
1Kwathi ngomnyaka wesithathu kaHosheya indodana kaEla, inkosi yakwaIsrayeli, uHezekiya indodana ka-Ahazi inkosi yakwaJuda waba-yinkosi.
2Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguAbi indodakazi kaZakariya.
3Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uDavide uyise.
4Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma oAshera*, wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose, ngokuba abantwana bakwaIsrayeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba-ngalezozinsuku; yabizwa ngokuthi uNehushitani.
5Wamethemba uJehova uNkulunkulu wakwaIsrayeli kwaze kwangabakho onjengaye phakathi kwawo onke amakhosi akwaJuda nakuwo ayengaphambi kwakhe.
6Ngokuba wabambelela kuJehova, akasukanga ekumlandeleni, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose.
7UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yaseAsiriya, kayikhonzanga.
8Wachitha amaFilisti kwaze kwabaseGaza nemikhawulo yalo, imibhoshongo yabalindi nemizi ebiyelweyo.
IJerusalema lihlaselwa ngoShalimaneseri noSaneheribi
9Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uHezekiya owawungumnyaka wesikhombisa kaHosheya indodana kaEla, inkosi yakwaIsrayeli, uShalimaneseri inkosi yaseAsiriya wenyuka walivimbezela iSamariya.
10Ngasekupheleni kweminyaka emithathu balithatha; ngomnyaka wesithupha kaHezekiya owawungumnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya inkosi yakwaIsrayeli iSamariya lathathwa.
11Inkosi yaseAsiriya yathumbela uIsrayeli eAsiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni waseGozani nasemizini yamaMede,
12ngokuba abalalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wabo, kepha beqa isivumelwano sakhe; konke ayala ngakho uMose inceku kaJehova kabavumanga ukukulalela nokukwenza.
13Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi inkosi yaseAsiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.
14UHezekiya inkosi yakwaJuda wathumela enkosini yaseAsiriya eLakishi, wathi: Ngonile; buya kimi; okubeka kimi ngiyakukwenza. Inkosi yaseAsiriya yamnqumela uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta* angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide.
15UHezekiya wamnika lonke isiliva elalifunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi.
16Ngalesosikhathi uHezekiya wanquma izivalo zethempeli likaJehova nezinsika uHezekiya inkosi yakwaJuda ayezinamekile, wakunika inkosi yaseAsiriya.
Inkulumo kaRabi-Shake
17Inkosi yaseAsiriya yathuma oTharithani, noRabi-Sarisi, noRabi-Shake ukuba basuke eLakishi, baye enkosini uHezekiya eJerusalema, benempi enkulu. Benyuka bafika eJerusalema. Sebenyukile bafika, bema ngasemseleni wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu yoMhlanzi.
18Bayibiza inkosi, kwaphumela kubo uEliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana.
19Wathi kubo uRabi-Shake: Ake nisho kuHezekiya, nithi: Isho kanje inkosi enkulu, inkosi yaseAsiriya, ithi: Yithemba lini leli olethembayo na?
20Wena uyakhuluma, kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba-bani, lokhu ungihlubukile, na?
21Manje bheka, wethemba udondolo lwalomhlanga ofecekileyo oyiGibithe; kepha uma umuntu esimelela ngalo, luyakungena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo.
22Kepha uma nithi kimi: Siyamethemba uJehova uNkulunkulu wethu; akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe akususile uHezekiya, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: Niyakukhuleka phambi kwalelialtare eJerusalema, na?
23Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami, inkosi yaseAsiriya, ngiyakukunika amahashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuwo.
24Pho, ungaphindisela emuva kanjani nenduna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na? Nokho wethemba iGibithe ukuthola khona izinqola nabamahashi.
25Manje ngenyukelé yini ngaphandle kukaJehova kulendawo ukuba ngiyichithe na? UJehova wathi kimi: Yenyukela kulelozwe, ulichithe.
26Base bethi uEliyakimi indodana kaHilikiya noShebina noJowa kuRabi-Shake: Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesiAramu, ngokuba siyaluzwa, ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.
27Kepha uRabi-Shake wathi kubo: Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawamazwi na? Hayi kulababantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?
28Wayesema uRabi-Shake, wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda, wakhuluma wathi: Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yaseAsiriya.
29Isho kanje inkosi, ithi: Maningakhohliswa nguHezekiya, ngokuba akayikuba-namandla okunophula esandleni sami;
30futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi: UJehova uyakusophula nokusophula, nalomuzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yaseAsiriya.
31Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba inkosi yaseAsiriya isho kanje, ithi: Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube-yilowo nalowo emvinini wakhe, kube-yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, kube-yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,
32ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo nezinyosi, ukuba niphile, ningafi; futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho eniyenga ngokuthi: UJehova uyakusophula.
33Abanye onkulunkulu bezizwe baké bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yaseAsiriya na?
34Baphi onkulunkulu baseHamati naseAripadi na? Baphi onkulunkulu baseSefarivayimi, nabaseHena, nabaseIva, na? Balophulile iSamariya esandleni sami na?
35Ngobani phakathi kwabo bonke onkulunkulu bamazwe abophulé izwe lakubo esandleni sami ukuba uJehova alophule iJerusalema esandleni sami na?
36Kepha abantu bathula, abamphendulanga ngazwi, ngokuba umyalo wenkosi wathi: Ningamphenduli.
37Base befika uEliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umlobi, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana, kuHezekiya, izingubo zabo ziklebhukile, bamlandisa amazwi kaRabi-Shake.