Okufuneka kwabazakuphatha ibandla nakumadiyakoni*
1Likholekile lelizwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.
2Ngakho umbonisi umelwe abe-ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, abengozikhuzayo, oqondileyo, oziphatha ngokufaneleyo, ongenisa izihambi, onesu lokufundisa,
3ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,
4ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke —
5kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? —
6angabi-ngosand' ukukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.
7Kumelwe futhi ukuba abe-nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.
8Ngokunjalo namadiyakoni* kufanele abe-nesizotha, angabi-ndimimbili, angabi-ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,
9ephethe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe.
10Nalabo mabaqale bahlole, andukuba babe-ngamadiyakoni, uma bengasoleki.
11Ngokunjalo nabesifazane mababenesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.
12Amadiyakoni mawabe-ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.
13Ngokuba amadiyakoni akhonzé kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.
Umgomo walencwadi
14Lokhu ngikulobela khona ngithemba ukuza kuwe masinyane;
15kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.
16Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi:
Owabonakaliswa enyameni,
walungisiswa emoyeni,
wabonwa yizingelosi,
washunyayelwa ezizweni,
wakholeka ezweni,
waphakanyiselwa enkazimulweni.