Imithetho yenkonzo yebandla
1Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke,
2amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.
3Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu
4othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.
5Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu,
6owazinikela abe-yinhlawulo yabo bonke, kube-ngubufakazi besikhathi esiyiso,
7engamiselwa khona mina ukuba ngibe-ngummemezeli nomphostoli — ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga — yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
8Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.
Maqondana nabesifazane ebandleni
9Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi-ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele*, nangezambatho ezinemali eningi,
10kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.
11Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke.
12Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele.
13Ngokuba uAdamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho uEva.
14Futhi uAdamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka;
15kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.