Inhloso kaDavide yokwakha ithempeli
1Kwathi lapho uDavide esehlezi endlini yakhe, uDavide wathi kuNathani umprofethi: Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari*, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova uphansi kwezilenge.
2UNathani wathi kuDavide: Yenza konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.
3Kepha kwathi ngalobobusuku izwi likaNkulunkulu lafika kuNathani, lathi:
4Hamba utshele uDavide inceku yami ukuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Awuyikungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo,
5ngokuba angihlalanga-ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo uIsrayeli kuze kube-namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele* ngamatabernakele.
6Ezindaweni zonke engihambahambé kuzo naye wonke uIsrayeli ngake ngakhuluma yini izwi nakoyedwa wabahluleli bakwaIsrayeli engabayala ukuba baluse abantu bami, ngathi: Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?
7Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ubengumbusi wabantu bami uIsrayeli;
8nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama njengamagama abakhulu abasemhlabeni.
9Ngiyakumisela abantu bami uIsrayeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala,
10kusukela emihleni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe-phezu kwabantu bami uIsrayeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu.
11Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakubangeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.
12Yiyo eyakungakhela indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sayo sobukhosi kuze kube-phakade.
13Mina ngiyakuba-nguyise, yona ibeyindodana yami; angiyikuyaphuca umusa wami, njengalokho ngamaphuca owayephambi kwakho.
14Ngiyakuyiqinisa endlini yami nasembusweni wami kuze kube-phakade, isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe kuze kube-phakade.
15Njengawo onke lawomazwi nanjengawo wonke lowombono uNathani wakhuluma kuDavide.
Umkhuleko kaDavide
16UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: Ngingubani, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe kuze kube-lapha na?
17Lokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; usukhulumile ngendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Jehova Nkulunkulu.
18UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho.
19Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobubukhulu.
20Jehova, akakho onjengawe, akukhoNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.
21Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho uIsrayeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona babe-ngabantu bakhe, ukukwenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe ebusweni babantu bakho owabahlenga eGibithe, na?
22Ngokuba abantu bakho uIsrayeli wabenza babe-ngabantu bakho kuze kube-phakade, wena-Jehova ube-nguNkulunkulu wabo.
23Manje, Jehova, izwi olikhulumile ngenceku yakho nangendlu yayo kuze kube-phakade maliqiniswe, wenze njengokukhuluma kwakho.
24Maliqiniseke, libe-likhulu igama lakho kuze kube-phakade, ukuze kuthiwe: UJehova-Sebawoti unguNkulunkulu kaIsrayeli, yebo, uNkulunkulu kaIsrayeli, nendlu kaDavide inceku yakho iqinisiwe phambi kwakho.
25Ngokuba wena-Nkulunkulu wami wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi uyakuyakhela indlu; ngalokho inceku yakho ifiké kulokhu ukuba ikhuleke phambi kwakho.
26Manje, Jehova, wena unguNkulunkulu, ukhulumile lokho okuhle encekwini yakho;
27kalokhu mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe-sebusweni bakho kuze kube-phakade, ngokuba okubusisile wena-Jehova kuyahlala kubusisekile kuze kube-phakade.