Iminikelo namahubo ekungenisweni komphongolo eJerusalema
1Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi netende uDavide ayelimisele wona; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.
2UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wababusisa abantu egameni likaJehova.
3Wabela bonke abantu bakwaIsrayeli, abesilisa nabesifazane, isinkwa saba-sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.
4Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli:
5nguAsafa inhloko nabesigaba sakhe sesibili, oZakariya, noJehiyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noMatithiya, noEliyabe, noBenaya, no-Obede-Edomi, noJehiyeli, benezingubhu namahabhu*, kanye noAsafa ephethe amasimbali*, ewabetha,
6noBenaya noJahaziyeli abapristi, benamacilongo njalo phambi komphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.
Ihubo likaDavide
7Ngalolosuku uDavide wayeseqala ukuhlela ukuba uJehova abongwe ngesandla sika-Asafa nabafowabo.
8Bongani uJehova, nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.
9Hlabelelani kuye, nimhubele,
nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
10Zibongeni egameni lakhe elingcwele;
mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.
11Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.
12Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,
nezibonakaliso zakhe, nezahlulelo zomlomo wakhe,
13nina-nzalo kaIsrayeli, inceku yakhe,
nina-bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.
14Yena unguJehova uNkulunkulu wethu;
izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
15Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube-phakade,
izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,
16avumelana kuso noAbrahama, nesifungo sakhe kuIsaka;
17wasiqinisa kuJakobe, saba-ngumthetho,
nakuIsrayeli, saba-yisivumelwano esiphakade,
18ethi: Ngizakukunika izwe laseKhanani
libe-yisabelo sefa lakho,
19lapho naniyingcosana ngomumo,
yebo, lapho naniyingcosana, futhi naniyizihambi kulo.
20Bazulazula ezizweni ngezizwe,
besuka kulombuso, beya kwabanye abantu.
21Akavumelanga-muntu ukubahlupha,
wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
22ethi: Ningathinti abagcotshiweyo bami,
ningoni abaprofethi bami.
23Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke,
nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
24Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,
izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
25Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu;
uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
26Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,
kepha uJehova walenza izulu.
27Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;
amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.
28Mnikeni uJehova nina-mindeni yabantu,
mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
29Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,
nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe,
nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.
30Thuthumelani ebusweni bakhe, mhlaba wonke;
izwe lihlala liqinile, alinakushukunyiswa.
31Malijabule izulu, umhlaba uthokoze;
makuthiwe ezizweni: UJehova uyinkosi.
32Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo,
amasimu ename nakho konke okukuwo.
33Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabula
ebusweni bukaJehova,
ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.
34Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
35Thanini: Sisindise, Nkulunkulu wokusindiswa kwethu,
usibuthe, usophule kwabezizwe
ukuba sidumise igama lakho elingcwele,
sethabe ekukudumiseni.
36Makabongwe uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli,
kusukela phakade kuze kube-phakade.
Bonke abantu bathi: Amen, bamdumisa uJehova.
37Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova uAsafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,
38kanye no-Obede-Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili — uObede-Edoni indodana kaJeduthuni noHosa babengabalindisango —
39noSadoki umpristi nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele* likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni
40ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwealtare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo uIsrayeli,
41bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
42kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.
43Base behamba baya, kwaba-yilowo nalowo endlini yakhe; uDavide wabuya ukubusisa indlu yakhe.