UTobiti 9
Uhambo Oluya ERagesi
1UThobiyase wabiza uRafayeli wathi kuye: 2“Mfowethu Azariya, thatha izisebenzi ezine kanye namakameli amabili uhambe uye eRagesi. Hamba uye emzini kaGabayeli, umnike incwadi yesiqiniseko, uthole imali, bese ubuya naye eze emgubheni womshado. 3Ngokuba uyazi ukuthi ubaba usebala izinsuku, uma sephuza nangolulodwa nje ngiyomphatha kabi kakhulu. 4Ungufakazi wesifungo uRaguweli asenzile, futhi angikwazi ukwephula isifungo sakhe.” 5Ngakho-ke uRafayeli nezisebenzi ezine kanye namakameli amabili bamuka baya eRagesi eliseMediya bahlala noGabayeli. URafayeli wamnika incwadi engubufakazi, wamazisa ukuthi indodana kaTobiti, uThobiyase, uthathe umfazi futhi uyammema emgubheni walowo mgcagco. Ngakho uGabayeli wasukuma wabala imali ngokwamasaka ayo, nobufakazi bokuthi ayikaze iqhaqhwe; base bevumelana ngalokhu.
6Bavuka ekuseni kakhulu baya ukugubha umkhosi womgcagco. Lapho befika endlini kaRaguweli bamfica uThobiyase ehleli etafuleni. Wagxuma wabingelela uGabayeli owakhala wayesembusisa ngala mazwi wathi: “Ndodana enhle nethembekile yendoda enhle nekholekile, indoda elungile nephanayo! Sengathi uNkulunkulu angakunika wena nomkakho isibusiso sasezulwini, enze kanjalo kumukhwe nomkhwekazi wakho. Makabongwe uNkulunkulu, ngokuba ngibona kuThobiyase isithombe somzala wami uTobiti.”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.