Ukukhishwa Kwedimoni
1Lapho sebeqedile ukudla nokuphuza bafuna ukuphumula; ngakho-ke bamthatha uThobiyase bamusa ekamelweni. 2UThobiyase wayesekhumbula amazwi kaRafayeli, wayesethatha isibindi kanye nenhliziyo yenhlanzi esikhwameni sakhe wakubeka elangabini lomlilo ukuba kube yimpepho. 3Iphunga lenhlanzi lalixosha idimoni labalekela ezindaweni ezigagadekile zaseGibhithe. Kodwa uRafayeli walilandela walibopha izandla nezinyawo.
Umkhuleko KaThobiyase
4Lapho abazali sebephumile bavala umnyango wendlu. UThobiyase waphuma embhedeni wathi kuSara: “Dadewethu, vuka, ake sikhuleke siyinxuse iNkosi yethu ukuba isiphe umusa nokuphepha.”
5Ngakho-ke wavuka, base beqala ukukhuleka nokuyinxusa iNkosi ukuba ibagcine bephephile. UThobiyase waqala wathi:
“Ubusisekile Wena Nkulunkulu
wawokhokho.
Libusisekile igama lakho
ezizukulwaneni zonke
kuze kube phakade.
Amazulu nayo yonke indalo
makubusise igama lakho phakade.
6Wamenza u-Adamu,
waphinda wamenzela umkakhe u-Eva
njengomsizi nomsekeli wakhe.
Kubo bobabili waveza imbewu yesintu.
Wathi: ‘Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa;
masimenzele umsizi ofana naye.’
7Njengamanje ngithatha
lo mhlobo wami,
hhayi ngoba ngimkhanuka,
kodwa ngokwethembeka.
Yenza ukuba yena nami
sifumane umusa
nokuba sikhule ndawonye
size sibe badala.”
8Bathi: “Amen, Amen.”
9Base beyalala ngalobo busuku. 10Kepha uRaguweli wavuka wabiza izisebenzi zakhe, zavuka zayomba ithuna, ngenxa yokuba wazindla ethi: “Kungenzeka ukuba afe bese futhi sihlekwa sibhuqwa.”
11Sebeqedile ukumba ingcwaba, uRaguweli waya endlini yakhe wabiza umkakhe, 12ethi: “Thumela omunye wezisebenzi zethu ukuba aye abone ukuthi uyaphila yini. Kepha uma efile, masimngcwabe kungazi muntu.”
13Ngakho-ke bathumela omunye wezisebenzi zabo, wakhanyisa ilambu, wavula umnyango; wangena wabafumana belele ndawonye. 14Sase siphuma isisebenzi sabo sabatshela ukuthi uyaphila nokuthi akonakele lutho.
Umkhuleko KaRaguweli
15Ngakho-ke bambonga uNkulunkulu wezulu, bathi:
“Uyabongeka Wena Nkulunkulu
ngezibusiso zonke ezihlanzekile,
bonke abakhethiweyo bakho
mabakubonge
bakudumise kuze kube phakade.
16Mawudunyiswe
ngokuba ungithokozisile.
Akwenzekanga
njengoba bengilindele,
kodwa usiphathe
ngomusa wakho omkhulu.
17Ubusisekile
ngokuba ube nesihawu
kulezi zingane
ezingezokugcina kubazali bazo.
Yiba nomusa kuzo, Nkosi,
uzigcine zivikelekile;
ugcwalise impilo yazo
ngokuthokoza ngesihawu sakho.”
18Wayesetshela izisebenzi zakhe ukuba zigqibe ithuna kungakasi.
Idili Lomgcagco
19Emva kwalokhu wacela umkakhe ukuba abhake izinkwa eziningi; wayesephuma waya emhlambini wakhe wabuyisa izinkunzi ezimbili nezingqama ezine, wayala ukuba zihlatshwe. Base beqala ukwenza amalungiselelo. 20Wabiza uThobiyase wafunga kuye wathi: “Awunakuhamba lapha zingakapheli izinsuku eziyi-14, kodwa uzohlala lapha udla uphuza nami; futhi uyakududuza umphefumulo wendodakazi yami, ebisihlala ikhathazekile. 21Thatha ingxenye yalokho enginakho ubuyele kuyihlo ngokushesha, enye ingxenye iyoba ngeyakho nxa mina nomkami sesifile. Yima isibindi, mntanami, nginguyihlo no-Edna ungunyoko, futhi singabolibo lwakho kanye nomkakho, osengowakho manje kuze kube phakade. Yima isibindi, mntanami.”