Ingelosi URafayeli
1Sewuphelile umgubho womgcagco, uTobiti wabiza indodana yakhe uThobiyase wathi kuyo: “Mntanami, khokhela indoda owahamba nayo iholo layo, uyinike futhi kuthi xaxa.”
2Waphendula wathi kuyise: “Baba, ngithi xaxa ngamalini na? Alikho iphutha uma ngimnika ingxenye yempahla engibuye nayo. 3Ngokuba ungiholile ngabuya ngiphephile, uphilise nomkami, wabuyisa imali kanye nami, futhi waphilisa nawe. Ngingengeza ngamalini na?”
4UTobiti wathi kuye: “Ufanele, mntanami ukuthola okumfanele, mnike ingxenye yakho konke lokho enibuye nakho.”
5Ngakho-ke uThobiyase wambiza wathi kuye: “Thatha nanti iholo lakho, liyingxenye yakho konke lokho esibuye nakho. Hamba kahle.”
6URafayeli wababizela ngasese bobabili wathi kubo:
“Bongani uNkulunkulu,
nimazise phambi kwabo
bonke abaphilayo
ngazo zonke izinto
ezinhle anenzele zona.
Mbongeni nihube
indumiso egameni lakhe.
Baziseni bonke abantu
imisebenzi kaNkulunkulu
ngenhlonipho efanelekile.
Ningephuzi ukwenza kanjalo.
7Kuhle ukulonda izimfihlakalo zoMbuso,
kodwa kuyancomeka ukuzwakalisa
nokwembula imisebenzi kaNkulunkulu,
nokuba yaziswe
ngenhlonipho efanelekile.
Yenzani okuhle,
ukuze okubi
kungayitholi indawo kini.
8Ukukhuleka nokuzila kuhle,
kodwa okwedlula lokhu
kokubili ngukunikela,
uphe abampofu
ngenhliziyo emhlophe.
Okuncane okwenziwa
ngenhliziyo emhlophe
kwedlula ingcebo etholwe
ngenhliziyo egcwele ububi.
Kuhle ukunikela nokupha
kunokuqongelela igolide.
9Ukunikela nokupha
kusindisa ekufeni
futhi kuhlanza kususe sonke isono.
Labo abanikelayo baphane
bayoba nempilo enhle,
10kodwa labo abenza isono
futhi benze ububi,
bayizitha zemiphefumulo yabo uqobo.”
11Ngizakunitshela iqiniso lonke manje, angizukunifihlela lutho. Sengivele nginitshelile ngokusho kwami ukuthi: “Kuhle ukulonda izimfihlakalo zombuso, kodwa kuyancomeka ukwambula imisebenzi kaNkulunkulu ngenhlonipho efanele.”
12“Ngakho-ke yazi lokhu, lapho wena noSara nikhuleka, kwakuyimi engangihambisa futhi ngifunda imikhuleko yenu phambi kwenkazimulo yeNkosi, kanjalo nalapho ungcwaba abafileyo. 13Nangesikhathi ongangabazanga ngaso ukusukuma ushiye ukudla kwakho uye kongcwaba ofileyo, ngangithunyelwe kuwe ukuba ngikulinge. 14Futhi ngaso leso sikhathi uNkulunkulu wangithuma ukuba ngikuphilise wena noSara umalokazana. 15Mina nginguRafayeli, enye yezingelosi eziyisikhombisa ezima zilindele ukungena phambi kwenkazimulo kaNkulunkulu.”
16Bobabili bashaqeka; bawa ngobuso phansi, ngokuba babesaba. 17Kepha wathi kubo: “Ningesabi, ukuthula makube kini, mbongeni uNkulunkulu kuze kube phakade. 18Lapha nginani bengingenzi eyami intando, kodwa ekaNkulunkulu. Mbongeni usuku ngosuku, nicule izindumiso kuye. 19Uma beningibhekile angizange ngidle ngiphuze lutho, kodwa enikubonile bekungumbono nje. 20Ngakho-ke phakamani manje emhlabeni, niphakamise uNkulunkulu. Bonani sengibuyela kuye obengithumile. Zilobeni phansi zonke lezi zinto ezenzekile kini.”
Wabe esenyuka njalo. 21Basukuma bema, bambuka waze wanyamalala emehlweni abo. 22Baqhubeka bemdumisa uNkulunkulu, behuba izindumiso, futhi bamphakamisa uNkulunkulu ngemisebenzi yakhe emangalisayo, yokubathumelela ingelosi yakhe.