UThobiyase Ubuyela Ekhaya
1Lapho sebesondele eKhaserini, eyayimaqondana neNineve, uRafayeli wathi: 2“Uyazi ukuthi samshiya enjani uyihlo. 3Masigijime phambili ukuze silungise indlu yomkakho besesendleleni.”
4Besaqhubeka behamba ndawonye, uRafayeli wathi kuye: “Lungisa inyongo.”
Futhi inja yayibalandela, ngemuva benoThobiyase. 5U-Anna wayengakhathali ukuhlala egqolozele indlela indodana yakhe efanele ukubuya ngayo. 6Kwathi ukuba ambone eqhamuka, wathi kuyise: “Bheka indodana yakho iyeza, kanye nendoda eyahamba nayo!”
7UThobiyase engakafiki kuyise, uRafayeli wathi: “Ngiyazi ukuthi uyihlo uzakuhlahla amehlo akhe. 8Ubogcoba inyongo yenhlanzi emehlweni akhe; lo muthi uyokwenza ulwelwe olusemehlweni kayihlo luwohloke, aphinde abone.”
9U-Anna wagijimela endodaneni yakhe, wayibamba ngezandla zakhe, ethi kuyo: “Manje sengikubonile ndodana yami noma sengigafa kulungile,” wayesekhala.
Ukuvuleka Kwamehlo KaTobiti
10UTobiti wasukuma weza entengezela ephuma ngesango lesibuya. 11UThobiyase waya kuye, ephethe inyongo yenhlanzi esandleni sakhe wayiphephethela emehlweni akhe wase embamba ethi: “Yima isibindi, baba,” esho emgcoba amehlo akhe ngayo, 12wayesehlubula ulwelwe olusemehlweni akhe ngesandla sakhe, 13wayesewela ehlombe lakhe wakhala wathi: “Sengiyakubona ndodana yami kukhanya kwamehlo ami.”
14Wayesethi:
“Makabongwe uNkulunkulu
futhi malibongwe igama
lakhe eliphakeme,
mazibongwe zonke
izingelosi zakhe ezingcwele,
igama lakhe elingcwele
malibongwe phakade naphakade,
15nakuba engishayile
kepha manje usebe nomusa kimi.
Manje sengiyayibona
indodana yami uThobiyase.”
Ngakho-ke uTobiti wangena endlini ethokozile emdumisa uNkulunkulu ngezwi lakhe lonke, uThobiyase wambikela uyise ngohambo lwakhe olube yimpumelelo enkulu, nokuthi uyibuyisile imali, waqhubeka wamlandisa ngokuthi umthathe kanjani uSara indodakazi kaRaguweli abe ngumkakhe, nokuthi uyeza usendleleni, useseduze namasango aseNinive.
Ukufika KukaSara
16UTobiti waphuma waya ukuhlangabeza umalokazana wakhe emasangweni aseNiniva, emdumisa uNkulunkulu. Lapho abantu baseNineve bembona eza ekhaphuzela engaholwa muntu, bamangala. UTobiti wafakaza phambi kwabo bonke ukuthi uNkulunkulu ube nomusa kuye wabuye wamvula amehlo. 17Lapho uTobiti embona uSara umfazi wendodana yakhe uThobiyase, wambusisa wathi kuye:
“Woza, ndodakazi, wemukelekile.
Makabongwe uNkulunkulu wakho
okulethe kithi, ndodakazi yami.
Makabusiswe uyihlo nonyoko,
mayibusiswe indodana yami
uThobiyase,
mawubusiswe nawe,
ndodakazi yami.
Ngena manje emzini wakho,
wemukelekile,
ngezibusiso nangentokozo.
Ngena ndodakazi yami.”
18Ngalolo lusuku kwaba khona ukujabula okukhulu phakathi kwabaJuda ayeseNineve. 19U-Ahikari nomshana wakhe uNabadi babekhona nabo ukuzohlanganyela enjabulweni kaTobiti. Bagubha umkhosi womshado kaThobiyase izinsuku eziyisikhombisa ngokujabula okukhulu, futhi babapha nezipho eziningi.