Imithetho Yabaphristi
1USimakade wathi kuMose: “Yisho kubaphristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabi bikho oyozingcolisa ngokuthinta ofileyo kubantu bakubo, 2ngaphandle kwesihlobo esisondele kuye, njengonina, uyise, indodana yakhe, indodakazi yakhe, umfowabo, 3udadewabo, intombi esondelene naye engenandoda, ngoba angazingcolisa ngenxa yayo. 4Umyeni akayukuzingcolisa phakathi kwezihlobo zakhe; azihlambalaze.
5“ ‘Abayukuphuca amakhanda abo emaceleni, noma baphuce izilevu emaceleni, abayukugcaba imizimba yabo. 6Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yokushiswa kaSimakade, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho, bayakuba ngcwele.
7“ ‘Abanakuthatha owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, noma owesifazane olahlwe yindoda yakhe, ngokuba umphristi ungcwele kuNkulunkulu wakhe. 8Uyakumehlukanisa abe ngcwele, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho. Uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba Mina Simakade okwehlukanisayo, ngingcwele.
9“ ‘Uma indodakazi yomphristi izingcolisa ngokufeba, ihlambalaza uyise; iyoshiswa ngomlilo.
10“ ‘Ongumphristi ophakanyisiwe phakathi kwabafowabo, lowo owathelwa ngamafutha okugcoba ekhanda lakhe, wehlukaniswa ukuba embathe izembatho, akayukuwaqhaqha amagoda ekhanda lakhe, noma aklebhule izembatho zakhe, 11akayukungena lapho kunofileyo khona, akayukuzingcolisa ngisho nangoyise noma unina imbala. 12Akayukuphuma endaweni engcwele, akayukuyihlambalaza indawo kaNkulunkulu wakhe engcwele, ngokuba ukungcweliswa kwamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe kuphezu kwakhe; nginguSimakade.
13“ ‘Uyothatha owesifazane oseyintombi, amgane. 14Akayukuganwa ngumfelokazi noma ngolahlwe yindoda noma owesifazane okhohlakele, nesifebe, kodwa uyothatha intombi phakathi kwabantu bakubo, ibe ngumkakhe. 15Akayukuyihlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakubo, ngokuba nginguSimakade omngcwelisayo.’ ”
16USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 17“Khuluma ku-Aroni uthi: ‘Akukho muntu okhubazekile ozalweni lwakho, ezizukulwaneni zalo, oyakusondela anikele ngesinkwa kuNkulunkulu wakhe. 18Umuntu okhubazekile akayukusondela: noma oyimpumputhe, noma olunyonga, onekhala elilinyaziwe, nonezitho ezingalingani, 19noma umuntu ononyawo olwaphukileyo, noma isandla esaphukileyo, 20onesifumbu, oyisichwe, onomlanga esweni lakhe, onesithembuzane, onomuna, noma okhubazeke emasendeni. 21Akuyukuba bikho muntu wozalo luka-Aroni, umphristi, oyosondela anikele ngeminikelo yomlilo kuSimakade uma ekhubazekile; akayukusondela anikele ngesinkwa kuNkulunkulu wakhe. 22Uyakusidla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe esingcwelengcwele nesingcwele. 23Akayukungena esihenqweni, noma asondele e-althare, ngokuba ukhubazekile, ukuze angazihlambalazi izindawo zami ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”
24UMose wakhuluma lokho ku-Aroni, nasemadodaneni akhe, nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli.