Ubungcwele Beminikelo
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2“Khuluma ku-Aroni namadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli, abazehlukanisela Mina njengezingcwele, ukuze bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguSimakade.
3“Yisho kubo uthi: ‘Yilowo nalowo, ozalweni lwenu lonke nakuzo zonke izizukulwane zenu, oyosondela ezintweni ezingcwele abantu bakwa-Israyeli abazehlukanisile njengezingcwele kuSimakade, ebe engcolile, lowo muntu uyonqunywa phambi kwami; nginguSimakade.
4“ ‘Yilowo nalowo wozalo luka-Aroni onochoko noma omfimfayo akayukuzidla izinto ezingcwele aze ahlambuluke, nalowo othinta okungcoliswe yisidumbu, noma ngumuntu oshaywe yizibuko, 5nalowo oyothinta okunwabuzelayo okungamngcolisa, noma yimuphi omunye umuntu ongamngcolisa, noma ngabe unakungcola kwaluhlobo luni. 6Umuntu oyothinta okunjalo uyokuba ngongcolileyo kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, aze ageze umzimba wakhe ngamanzi. 7Uma selishonile ilanga uyoba ngohlambulukileyo, bese edla izinto ezingcwele, ngoba zingukudla kwakhe. 8Akayukuyidla ingcuba nesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, ukuze angazingcolisi ngakho; nginguSimakade.
9“ ‘Ngakho-ke bayogcina umyalo wami; ukuze bangabi nesono ngenxa yawo, bese befa ngokuba bewujivazile; nginguSimakade obangcwelisayo.
10“ ‘Akukho mfokazi oyakudla okungcwele; ngisho umuntu ogogobele womphristi noma umqashwa, akayukukudla okungcwele. 11Kepha uma umphristi ethenga umuntu, lowo amthenge ngemali yakhe uyokukudla, nalabo abazalelwe kwakhe bayosidla isinkwa sakhe. 12Uma indodakazi yomphristi igana umfokazi, ayinakudla emnikelweni wezinto ezingcwele. 13Kodwa uma indodakazi yomphristi ingumfelokazi noma ilahlwe yindoda, ingenamntwana, bese ibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakusidla isinkwa sikayise, kepha umfokazi akayukusidla.
14“ ‘Uma umuntu edle okungcwele ngephutha, uyothasisela ngokwesihlanu kwakho okungcwele, akunike umphristi. 15Abayukuhlambalaza izinto ezingcwele abanikela ngazo kuSimakade abantu bakwa-Israyeli, 16bazenze babe necala lokudla izinto ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”
Umthetho Weminikelo Yomhlatshelo Wokuthula
17USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 18“Yisho ku-Aroni namadodana akhe, nabo bonke abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo wendlu yakwa-Israyeli noma ongumfokazi kwa-Israyeli, onikela ngomnikelo wakhe ngenxa yesifungo nanoma yisiphi, noma umnikelo wakhe wesihle, uyowunikela kuSimakade, ube ngumnikelo wokushiswa. 19Ukuze amukeleke, uyonikela ngeduna lenkomo elingenasici noma lemvu noma lembuzi. 20Aniyukunikela nganoma ngani enesici, ngokuba aniyukwemukeleka. 21Umuntu onikela ngomnikelo womhlatshelo wokuthula kuSimakade ukufeza isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, ukuze emukeleke, kuyoba ngengenasici. 22Aniyukunikela ngephuphuthekayo, eyaphukile, elimele, enesilonda, enokhwekhwe nenomuna, futhi aniyukunikela ngazo kuSimakade, zibe ngumnikelo womlilo e-althare lakhe. 23Inkunzi noma imvu enesitho eside kunezinye noma enesitho esincane, ninganikela ngayo ibe ngumnikelo wesihle, kodwa uma kungowesifungo awuyukwamukeleka. 24Aniyukunikela kuSimakade ngethenwe ngokufihlizwa noma ngokuchotshozwa noma ngokudwengulwa noma ngokuhhumpulwa; aniyukwenza kanjalo ezweni lakini. 25Aniyukwemukela lutho esandleni sowezizwe, bese ninikela ngakho kube yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba kunikelwe kunokungcola kukho, ngakho-ke akuyukwemukeleka.’ ”
26USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 27“Uma kuzalwa inkunzi noma inqama noma impongo, iyohlala nonina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kuqhubeka iyokwemukeleka ukuba ibe ngumnikelo womlilo kuSimakade. 28Aniyukuyinquma inkabi noma imvu nezinyane layo ngalusuku lunye.
29“Niyohlabela uSimakade umhlatshelo wokubonga; niyakumhlabela ukuze namukeleke. 30Uyakudliwa ngalolo lusuku, aniyukushiya lutho lwawo kuze kube sekuseni; nginguSimakade.
31“Ngakho-ke niyoyigcina imiyalo yami, niyenze; nginguSimakade. 32Aniyukulihlambalaza igama lami elingcwele; ngiyakuzibonakalisa ngingcwele phakathi kwabantu bakwa-Israyeli; nginguSimakade oningcwelisayo, 33owanikhipha eGibhithe, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguSimakade.”