IZaga 2
Izithelo Zokuhlakanipha
1Ndodana yami,
uma ulalela amazwi ami,
ugcine imithetho yami,
2wenze indlebe yakho
ilalele ukuhlakanipha,
nenhliziyo yakho
ithambekele ekuqondeni;
3uma ukhala ngokuhlaziya,
ulizwakalisa izwi lakho ngokuqonda;
4uma ukufuna njengesiliva
ukufunisisa njengengcebo
efihliweyo,
5khona uyakuqonda ukuthi
kuyini ukumesaba uSimakade,
uthole ulwazi ngoNkulunkulu.
6Ngokuba uSimakade
uyokupha ukuhlakanipha,
emlonyeni wakhe
kuphuma ukwazi
nokuqonda.
7Uyabela abaqotho impumelelo,
uyisihlangu salabo
abahamba ngokwethembeka.
8Uyabavikela labo
abahamba ngokwendlela
yezahlulelo zakhe,
9khona uyoqonda ukulunga,
nokwehlulela neqiniso,
nezindlela zonke ezinhle.
10Ngokuba ukuhlakanipha
kuyongena enhliziyweni yakho,
ukwazi kuthokozise
umphefumulo wakho.
11Amasu ayakukuvikela,
ukuqonda kukugcine.
12Ukuhlakanipha kuyokophula
endleleni yokubi,
nakulabo abakhuluma
okuphambene,
13abadela izindlela zobuqotho,
bahambe ebumnyameni.
14Abathokozela ukwenza okubi,
bakikizelele okuphambeneyo,
15abandlela zabo zigwegwile,
nemikhondo yabo
imazombezombe.
16Lokhu kuyokusindisa
kowesifazane ondindayo,
nakowezizwe omazwi
akhe ayashelela,
17oshiya isithandwa sobusha bakhe,
akhohlwe yisivumelwano noNkulunkulu wakhe.
18Ngokuba indlu yakhe
iholela ekufeni,
nezindlela zakhe emathunzini.
19Bonke abazisondeza kuye
ababuyi,
abafinyeleli emikhondweni
yokuphila,
20ukuze bahambe
ezindleleni zabahle,
bagcine izindlela zabalungileyo,
21ngokuba abaqotho
bayakuhlala ezweni,
abamsulwa basale kulo.
22Kepha izikhohlakali
ziyakunqunywa ezweni,
nabangethembekile
bayosishulwa kulo.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.