1LAPO nga pinda, nga pakamisa amehlo ami, nga bona, bhekake umgqulu wencwadi ondizayo.
2Ya se i ti kimi, U bonani na? Nga ti mina, ngi ya bona umgqulu wencwadi ondizayo; ubude bawo izingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bawo izingalo ezi ishumi.
3Yona ya ti kimi, Wona, u ngukuqalekisa oku pumele pezu kobuso bomhlaba wonke; ngokuba bonke ilo o webayo wo qedwa ngalapa njengawo, nabo bonke ilo ofungayo wo qedwa ngalapa njengawo.
4Ngo si pumisa u tyo uJehova wamabandhla, sona so ngena endhlini yesela na sendhlini yofungayo amanga ngegama lami; so hlala pakati kwendhlu yake, si yi qede kanye imiti yayo namatye ayo.
5Lapo ingelosi e bi kuluma nami ya puma, ya ti kimi, Pakamisa kaloku amehlo ako, u bone ukuba ku ini loku okupumayo.
6Lapo nga ti, Ku ini loku? Yona ya ti, Loku ku iefa eli pumayo, Ya tike, Loku ku isimo sabo emhlabeni wonke.
7Bheka kwa pakanyiswa isondo lomtofu: loku ku isifazana e si hlezi pakati kwefa.
8Ya ti yona, Loku ku ububi, Ya ku ponsa pakati kwefa; ya ponsa itye lomtofu ebusweni balo.
9Lapo nga pakamisa amehlo ami, nga bona, bhekake, izifazana ezimbili za puma, nomoya emapikweni azo; ngokuba za ba namapiko njengamapiko onozalizingwenya, za ti za pakamisa iefa pakati komhlaba nezulu.
10Lapo nga ti kuyo ingelosi e bi kuluma nami, Lezi zi yisapi iefa na?
11Yona ya ti kimi ukwakela lona indhlu ezweni la seShinari; lona lo miswa li hlaliswe kona esisekelweni salo.