1KWA ti ingelosi e bi kuluma nami ya buya, ya ngi vusa njengomuntu o vusiwe ebutongweni.
2Ya se i ti kimi, U bonani na? Lapo nga ti, ngi bhekile, bhekake, izinti zezibane e zi igolide zonke, zi nomkele pezu kwazo, nezinti ezibobokileyo ezi isikombisa kuzo izibani ezi isikombisa ezi pezu kwazo.
3Nemihlwati emibili kuzo, omunye ngesokunene komkele, nomunye ngesokohlo kwawo.
4Nga pendula mina, nga tyo kuyo ingelosi e bi kuluma nami, ukuti, Lezi zi ini na, Nkosi yami?
5Lapo ingelosi e bi kuluma nami, ya pendula ya ti kimi. A u kwazi wena ukuba lezi zi ini na? Nga ti mina Ca, Nkosi yami.
6Ya se i pendula ya tyo kimi ukuti, Loku ku izwi lika Jehova kuZerubabeli, li ti, Ku nga bi ngempi, ku nga bi na ngamandhla, kodwa ngomoya wami, u tyo uJehova wamabandhla.
7Ubani wena Ntaba enkulu? ebusweni buka Zerubabeli u za kuba itafa; Yena wo zisa itye lesihloko sayo ngokumemeza, Ubuhle, ubuhle kulo.
8La ba kona nezwi lika Jehova kimi, li ti,
9Izandhla zika Zerubabeli zi sekele lendhlu, izandhla zake zi za ku qeda belu; u ya kwazi wena ukuba uJehova wamabandhla u ngi tumile kini.
10Ngokuba ubani u delile usuku lwa loku okuncane; ngokuba ba ya kujabula, ba bone itye lenhlamvu esandhleni sika Zerubabeli, li na lawa a isikombisa; a ngamehlo ka Jehova, a zihambela emhlabeni wonke.
11Lapo nga pendula nga ti kuyo, I wini lemihlwati emibili nga kwesokunene kwezinti zezibane, na ngakwesokohlo kwazo na?
12Nga pendula ngokwesibili, nga ti kuyo, A ini lamagatya amabili omhlwati a tela pakati kwezinti ezibobokileyo zegolide ezimbili amafuta a pumela ezintini zezibane ezi igolide, a vele kuwo na?
13Kepa ya tyo kimi ukuti. A kwazi ukuba lawa a ini na? Nga ti mina, Ca, Nkosi yami.
14Lapo ya ti. Lawa amabili a ngabagcotyiweyo, a be mi nga kuyo iNkosi yomhlaba wonke.