1BHEKA, u muhle, sihlobokazi sami; bheka, u muhle; u namehlo amajuba nga pansi kwesihlutu sako: izinwele zako zi njengomhlambi wezimbuzi, o bonakala entabeni iGiladi.
2Amazinyo ako a fana nomhlambi wezimvu ezi geziweyo, eza kupuka endaweni yokugeza; ezi ti zonke ngazinye zi zala amawele, ingeko na inye e inyumba pakati kwazo.
3Izindebe zako zi njengosinga olubomvu, ku mnandi nokushumayela kwako: izinhlafuno zako zi njengocezu lwerimoni nga pansi kwesihlutu sako.
4Intamo yako i njengenqaba ka Davida e yakelwa izihlangu, lapa ku lenga kona izihlangu ezi inkulungwane, zonke izihlangu zamaqawe.
5Amabele ako amabili a njengezindhluzele ezimbili ezi amazinyane a amawele, a dhla pakati kwentebe.
6Ko ze ku se, amatunzi e muke, ngi ye entabeni yemure, na segangeni lenhlaka.
7U muhle kanye, sihlobokazi sami: akuko siga kuwe.
8Woza si muke eLebanoni, mtshakazi wami, si muke eLebanoni si shiye isicongo seAmana, nesicongo seShenire neHermoni si muke emihumeni yezingonyama na sezintabeni zezingwe.
9U su webe inhliziyo yami, dadekazi wami, mtshakazi wami, u su webe inhliziyo yami ngelilodwa lamehlo ako, ngomgexo munye wentamo yako.
10Lu mnandi utando lwako, dadekazi wami, mtshakazi wami: lu mandi kakulu utando lwako ku newaini: nepunga lamafuta ako ku namaka onke!
11Izindebe zako, mtshakazi wami, zi ya tonsa njengamakekeba ezinyosi: uju nobisi ku nga pansi kolimi lwako; nepunga lezivato zako li njengepunga leLebanoni.
12U insimu ebiyelweyo dadekazi wami, mtshakazi wami, umtombo ovaliweyo, nesipetu esivinjiweyo.
13Izilimo zako zi insimu yemiti ya marimoni, nezitelo ezimnandi; amaka ekamfa nespikenadi,
14Ispikenadi nesafroni; nekalamus nesinamoni, nemiti yonke yenhlaka; imure nomhlaba, namaka onke a igugu.
15Umtombo wamasimu, icibi lamanzi a hleziyo, nemifula e vela eLebanoni.
16Vuka, moya wenyakato; u ze, wena ningizimu; u pepete ensimini yami, ukuba amaka a kona a tapuke. Ma ku ze isitandwa sami si ngene ensimini yaso, si dhle izitelo zaso ezimnandi.