1EBUSUKU esililini sami nga m funa otandwa umpefumulo wami; nga m funa, kepa a ngi m fumananga.
2Ngi zo vukake, ngi hambahambe emzini ezindhleleni, na semigwaqweni ngi m fune otandwa umpefumulo wami; nga m funa kepa a ngi m fumananga.
3Abalindi aba vakatya emzini ba ngi fumana: e nga ti kubo ni ke na m bona otandwa umpefumulo wami na?
4Nga se ngi dhlule kubo kancane nje kwa ti nga m fumana otandwa umpefumlo wami: nga m bamba, a ngi vumanga uku m dedela, ngaze nga m fikisa endhlini ka mame, endhlini yo wa ngi zalayo.
5Ngi ya ni yala, nina madodakazi a seJerusalema, nezindhluzele, na ngezimbabala za sendhle, ukuba ni nga si babasi, ni nga si vusi isihlobokazi sami, si nga ka tandi.
6Ubani lo o za e puma ehlane njengezinsika zomusi, e qolwe ngemure nangenhlaka, na ngemilibo yonke yotengisayo na?
7Bheka isilili sake esi nge sika Solomona; si haqwe amaqawe a ngamashumi a isitupa, amaqawe a kwa Israeli.
8Bonke ba pete izinkemba, be ngabaqondileyo ngokulwa: bonke ba nezinkemba zabo ezinqulwini zabo ngenxa yokwesaba ebusuku.
9Inkosi uSolomona wa zenzela inqola ngemiti ya seLebanoni.
10Wenza izinsika zayo ngesiliva, umzansi wazo ngegolide, za haqwa ngokubomvu, pakati kwayo kwa gandaywa ngotando lwamadodakazi a seJerusalema.
11Pumani nina madodakazi a seZioni ni yo bona inkosi uSolomona e fake umqele a fakwa unina ngomhla wokugcagca kwake na ngomhla wenjabulo yenhliziyo yake.