1KU NJALO loku si tetelelwe ngokukolwa, si nokutula kuTixo, ngayo, iNkosi yetu, uJesu Kristu;
2Oku ngaye sa ba nokungena ngokukolwa, ku lomusa esi mi ngawo, si tokoza ngetemba lobukosi buka Tixo.
3A siko loko kupela, kepa si tokoza na lapo si hlupekayo sazi ukuti, ukuhlupeka ku banga ukubekezela;
4Ukubekezela ku banga ukuvunyelwa; ukuvunyelwa ku banga itemba;
5Itemba a li jabisi; ngokuba utando luka Tixo lu telwe ezinhliziyweni zetu nguMoya o ingcwele, esi mu piweyo.
6Si se butakataka, uKristu wa zi fela izoni ngesikati esimisiweyo.
7Ku lukuni ukuba umuntu a fele omnene, kepa mhlaumbe u kona o nga ba nesibindi sokufela olungileyo.
8Kodwa uTixo u ya bonakalisa ukusitanda kwake loku uKristu wa si fela si se izoni.
9Kakulu, loku se si tetelelwe ngegazi lake, si ya kusindiswa uye olakeni.
10Uma, lapo sa si izita, sa buyiselwa kuTixo ngokufa kweNdodana yake kakulu, lapo se si buyiselwe, si ya kusindiswa ngokupila kwake.
11A siko loku kupela, kepa si ya tokoza na ngaye uTixo, ngeNkosi yetu, uJesu Kristu, e se si piwe ngaye ukubuyiselwa.
12Njalo, njengokuba ngomuntu munye ukona kwa ngena emhlabeni, nokufa kwa ngena ngokona, ku njalo ukufa kwa dhlulela kubantu bonke, ngokuba bonke bonile.
13Ku nga ka bi ko umteto, ukona kwa ku kona emhlabeni; kepa a ku tyiwo ukuti ukona; ku nge ko umteto.
14Kepa ukufa kwa busa, ku tata kuAdamu kwa za kwa fika kuMosi, na pezu kwabangonanga ngokweduka kuka Adamu, o fanekisa lowo o be za kuza.
15Kodwa isipiwo a si njengokweduka. Ngokuba, uma ba fa abaningi ngokweduka komuntu munye, kakulu kwa vama kwabaningi umusa ka Tixo, nesipiwo ngomusa wa lomuntu munye, uJesu Kristu.
16Njalo isipiwo a si njengokuvela nga lowo e munye owonayo: ngokuba ukwahlula kwa ba ngesono sinye, ku be ukulahlwa, kepa isipiwo sa ba ngezono eziningi, ku be ukutetelelwa.
17Ngokuba, uma ngesono sa lowo e munye ukufa kwa busa nga lowo e munye, kakulu laba, aba piwe ukuvama komusa nesipiwo sokutetelelwa, ba ya kubusa ekupileni nga lowo e munye, uJesu Kristu.
18Ngako njengokuba ngesono sinye, kwa ba kubantu bonke ukulahlwa, njalo ngokulunga kunye kwa ba kubantu bonke ukutetelelwa kokupila.
19Njengokuba ngokungaleli kwa lowomuntu e munye, abaningi benziwa izoni, njalo ngokulalela kwa lowo e munye abaningi ba ya kwenziwa abalungileyo.
20Umteto wa ngena, ukuba ku vame ukweduka. Kepa lapa kwa vama kona izono, umusa wa vama kakulu kona;
21Ukuze, njengokuba kwa busa ukona ekufeni, njalo u buse umusa ngokulunga ku be ukupila okupakade, ngoJesu Kristu iNkosi yetu.