1PO! si ya kutini, uAbrahama, ubaba wetu, u zuzeni ngokwenyama na?
2Uma uAbrahama wa tetelelwa ngemisebenzi yake u nokuzibonga, kepa ka nako kuTixo.
3Imibalo i tini na? uAbrahama wa kolwa uTixo, kwa tiwa u lungile.
4Kodwa, osebenzayo kabelwa inkokelo ngomusa, u yabelwa ngecala.
5Kepa ongasebenziyo, e kolwa uye o tetelela isoni, ukukolwa kwake ku tiwa ukulunga kuye.
6Njengokuba naye uDavida u shumayela ngokubusiswa kwa lomuntu, a m tetelelayo uTixo ngapandhle kwemisebenzi.
7E ti, Ba busisiwe aba tetelelwe izeduko zabo, naba gqityelwe izono zabo.
8U busisiwe lomuntu iNkosi e nga yi kubala kuye isono.
9Lokukubusiswa ku ze kwabasokileyo bodwa na? a ku ze na kwabangasokile na? Si ti kuAbrahama ukukolwa kwake kwa tiwa ukulunga.
10Kwa tyiwo kanjani na? e se sokile, nokuba e nga ka soki na? a ku tyiwongo e se sokile, kwa tyiwo e nga ka soki.
11Wa zuza upau lokusoka, ufakazi wokulunga oku ngokukolwa a e nako e nga ka soki, ukuba a be uyise wabo bonke abakolwayo, be nga sokile, ukuze ku tiwe ba lungile nabo;
12A be uyise nowabasokileyo, wa labo aba nge sibo abokusoka kodwa, kepa be hamba emasondweni okukolwa kuka baba uAbrahama, a e nako e nga ka soki.
13Ngokuba isitembiso sokuti, u za kudhla ifa lezwe, a si nikwanga uAbrahama nenzalo yake ngomteto, wa si nikwa ngokulunga oku ngokukolwa.
14Uma abomteto be dhla ifa, ukukolwa a ku siyo into yaluto, nesitembiso se si ize:
15Umteto u ya banga ulaka; lapo u nge ko umteto, a ku ko ukweduka.
16Njalo ku ngokukolwa, ukuze ku be ngomusa, ku qine isitembiso enzalweni yonke; ku nge siyo eyomteto yodwa, kepa neyokukolwa kuka Abrahama, o ngubaba wetu sonke;
17(Njengokulotyiweyo ukuti, Ngi kwenzile u be uyise wezizwe eziningi), pambi kuka Tixo, a kolwa uye, o vusa abafileyo, e biza o ku nge ko, ngokungati ku kona.
18Ku nge ko itemba, wa kolwa e netemba, a ze a be uyise wezizwe eziningi, njengokutyiwoyo ukuti, Yo ba ngaka inzalo yako.
19E nge butakataka ngokukolwa, ka nakanga umzimba wake u su file, e neminyaka kungati ikulu, ka nakanga nokufa kwesisu sika Sara;
20Ka ngabazanga ngesitembiso sika Tixo ngokungakolwa; wa qinisa ekukolweni, wa bonga uTixo;
21Wa kolwa nokukolwa ukuti, loko a ku tembisayo u namandhla okwenza.
22Njalo kwa tiwa ukulunga kuye.
23Kepa a kwa lotyelwa yena yedwa ukuti, kwa tyiwo kuye;
24Sa ku lotyelwa nati, oku za kutiwa kitina, tina bakolwa uye, owa m vusa uJesu iNkosi yetu kwabafileyo;
25Owa nikelwa ngenxa yezono zetu, wa vuka si ze si tetelelwe.