1EMVA kwa loko nga bona umnyango u vulekile ezulwini, izwi lokuqala, enga li zwayo li njengeletilongo li kuluma nami, la ti. Kupukela lapa, ngo ku bonisa oku za ku vela emva kwa loku.
2Nga ngi noMoya masinyane, bheka, kwa ku kona isihlalo sobukosi ezulwini, nowa hlala pezu kwaso.
3Owa e hlala kona wa fana netye, ijasipa nesardino ngokubukwa, utingo lwa lu haqa isihlalo sobukosi, lu njengetye, isimaragdo ngokubukwa.
4Kwa ku kona nga sesihlalweni sobukosi izihlalo ezimashumi amabili nane; na sezihlalweni amalunga amashumi amabili nane, e hlala embete izingubo ezimhlope, e nemiqele yegolide emakanda awo.
5Kwa puma esihlalweni sobukosi unyazi, namazwi, nokuduma, kwa ku kona izibani ezine, zi vuta pambi kwesihlalo sobukosi, ezi ngomoya aba isikombisa baka Tixo.
6Ngapambi kwesihlalo sobukosi kwa ku kona ulwandhle olu njengesibuko, lu fana nekrustalo; ngapakati kwesihlalo sobukosi, na ngapandhle kwesihlalo sobukosi, za zi kona izidalwa ezizwayo ezine, zi gcwele amehlo ngapambili na ngasemva.
7Isidalwa sokuqala sa si fana nengonyama, isidalwa sesibili sa si fana netole, isidalwa sesitatu sa si nobuso obu fana nobomuntu, isidalwa sesine sa si fana nokozi olundizayo.
8Izidalwa ezine za zi namapiko a isitupa ngazinye; ngapandhle na pakati zi gcwele amehlo, a zi nakupumula emini na sebusuku, zi ti, Ingcwele, ingcwele, ingcwele iNkosi uTixo uSomandhla, owa e kona, o kona, o za kuba kona.
9Lapo izidalwa zi m tusa, zi m dumisa, zi m bonga yena o hlala esihlalweni sobukosi, yena o kona njalo ku ze ku be pakade,
10Amalunga amashumi amabili nane a kotama pambi kwake o hlala esihlalweni sobukosi, a m dumisa yena o pilayo ku ze ku be pakade, etula imiqele yabo pambi kwesihlalo sobukosi, e ti,
11U fanele wena, Nkosi yetu noTixo wetu, ukwamkela ubukosi, nokutuswa, namandhla; ngokuba uwena owa dabula izinto zonke; za ba kona, za datyulwa ngentando yako.