1NGA i bona esandhleni sokunene sake owa e hlala esihlalweni sobukosi incwadi, i lotyiwe ngapakati na ngapandhle, i gcinwe ngezimpau ezi isikombisa.
2Nga bona ingelosi e namandhla, i memeza ngezwi elikulu, i ti, Ubani o fanele ukupenya incwadi, nokunamulula izimpau zayo na?
3Kwa ku nge ko namunye ezulwini, na semhlabeni, na ngapansi komhlaba, owa e namandhla okupenya incwadi, nokuibheka.
4Nga kala kakulu ngokuba e nga funyanwanga namunye o fanele ukupenya incwadi nokuibheka.
5Omunye kuwo amalunga wa ti kimi, U nga kali; bheka, iNgonyama yomndeni ka Juda, iMpande ka Davida, yahlulile, ya penya incwadi, nezimpau ezi isikombisa zayo.
6Ngapakati kwesihlalo sobukosi nezidalwa ezine, nga pakati kwamalunga, nga bona iUndhlu li mi, njengokungati li hlatyiwe, li nezimpondo ezi isikombisa, namehlo a isikombisa, a ngomoya aba isikombisa baka Tixo aba tunyelwe emhlabeni wonke.
7Leza la tabata incwadi i sesandhleni sokunene sa lowo owa e hlala esihlalweni.
8Lapo se li tabatile incwadi, izidalwa ezine, namalunga amashumi amabili nane, a kotama pambi kweUndhlu, ilelo li nogubu, negaba legolide li gcwele ipunga, eli ukukuleka kwabangcwele.
9A hlabelela igama elitya, a ti, Wena u fanele ukutabata incwadi, nokunamulula izimpau zayo; ngokuba wa hlatywa, wa si tenga ngegazi lako kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe, si be abaka Tixo;
10Wa senza amakosi nabapristi baka Tixo wetu; si ya kubusa emhlabeni.
11Nga bona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi za nge sesihlalweni, na sezidalweni, na semalungeni; ukuma kwazo kwa ku izinkulungwane ezi ishumi kwezinkulungwane ezi ishumi, nezinkulungwane zezinkulungwane,
12Zi ti, ngezwi elikulu, Li fanele iUndhlu elihlatyiweyo ukwamkela amandhla, nomcebo, nokuhlakanipa, nobuqawe, nodumo, nobukosi, nokubongwa.
13Izinto zonke ezidatyuliweyo ezi sezulwini, nezi semhlabeni nezi ngapansi komhlaba, nezi selwandhle, zonke ezi kona kuko, nga zi zwa zi ti, Ukubongwa, nodumo, nobukosi, namandhla, a ku be kuye o hlala esihlalweni, na kulo iUndhlu, ku ze ku be pakade.
14Izidalwa ezine za ti, Ameni. Amalunga amashumi amane nane a kotama, a m dumisa yena ohlalayo ku ze ku be pakade.