IZIHLABELELO 148
1DUMISANI uJehova. Dumisani uJehova nina e ni vele ezulwini; mu dumiseni ezindaweni ezipakamileyo.
2Mu dumiseni zingelosi zake nonke; mu dumiseni nina mabandhla ake onke.
3Mu dumiseni langa, nenyanga; mu dumiseni nina zinkanyezi ezikanyayo nonke.
4Mu dumise wena zulu lezulu; namanzi a nga pezu kwezulu.
5Ma ku dumise igama lika Jehova; ngokuba wa yaleza kwa dalwa.
6U ku misele isikati ku ze ku be pakade; u nikile isimiso e si nga yi kudhlula.
7Mu dumiseni uJehova nina e ni vele emhlabeni; zinhlwati nezilwandhle zonke.
8Mlilo nesicoto, neqwa, nenkwezane; nomoya ovunguzayo wenza izwi lake;
9Zintaba nemimango yonke; miti ehlanzayo, namasedare onke.
10Zilwane, nezinkomo zonke; zilo ezikasayo, nezinyoni ezindizayo;
11Makosi omhlaba, nabantu bonke; zikulu nabahluleli bezwe.
12Zinsizwa, nezintombi; badala, nabantwana.
13Ma ba dumise igama lika Jehova; ngokuba igama lake lodwa li pakeme; ubukosi bake bu pezu komhlaba nezulu.
14Yena u ya pakamisa upondo lwabantu bake udumo lwabalungileyo bake; abantwana ba seIsraeli, abantu aba seduze naye. Dumisani uJehova.
Bible Society of South Africa 1893