1DUMISANI uJehova, ngokuba kuhle ukuhlabelela uTixo wetu; ngokuba ku mnandi; ukubonga, ku fanele.
2uJehova u ya laka iJerusalema; u ya buta abaxotyiweyo ba seIsraeli.
3U ya pilisa abadabukileyo enhliziyweni, a bope izilonda zabo.
4O bala izinkanyezi, a zi bize zonke ngamagama.
5Inkulu iNkosi yetu, i namandhla amakulu; ingqondo yayo a i nge tyelwe.
6uJehova u ya pakamisa abatobekileyo; wehlisela emhlabatini ababi.
7Vumani kuJehova ngokubonga; hlabelelani kuTixo wetu ngogubu.
8O sibekela izulu ngamafu, o lungisela umhlaba imvula, o hlumisa utyani ezintabeni.
9O nika izinkomo ukudhla kwazo; namazinyane egwababa akalayo.
10A ka vumi ubuqawe behashi; a ka kolwa imilenze yendoda.
11uJehova u kolwa a ba m esabayo, abetemba emuseni wake.
12Babaza uJehova, Jerusalema; dumisa uTixo wako Zioni.
13Ngokuba u qinisile imivalo yamasango ako; u busisile abantwana bako pakati kwako.
14Wenze ukutula emacaleni ako; u ku sutise ngokunona kuka kolweni.
15U ya pumisa ukutyo kwake emhlabeni; izwi lake li ya gijima ngejubane.
16U ya nika ungqoqwane njengoboya bezimvu; u hlakaza isitwatwa njengomlota.
17U ya ponsa isicoto sake njengamaqata; ubani o ngema ebusweni bamakaza ake na?
18U ya tuma izwi lake a ku ncibilikise; u ya pepetisa umoya wake amanzi a hambe.
19U ya bonisa izwi lake kuJakobe, izimiso zake nezahlulo zake kuIsraeli.
20A kenzanga njalo esizweni nesisodwa; futi ukwahlula kwake a si kwa zanga. Dumisani uJehova.