IZIHLABELELO 120
Igama lokukupuka.
1EKUHLUPEKENI kwami nga kala kuJehova, yena wa ngi zwa.
2Jehova, sindisa umpefumlo wami, ezindebeni zamanga.
3Ulimi lwenkohliso lu ya kukunikani? lu ya kwenezelani kuwe na?
4Imisebe ebukali yeqawe, namalahle a vutayo omunga.
5Au mina, ngokuba ngi hlezi eMesheke, na ngokuba ngi hlala ematenteni a seKedari!
6Umpefumlo wami u hlezi kade naye o zonda ukutula.
7Ngi ngo wokutula mina; kanti uma ngi kuluma, bona ba funa ukulwa.
Bible Society of South Africa 1893