Umtandazo wohlupekayo nxa a hluleka e tele inshumayelo yake ebusweni buka Jehova.
1JEHOVA, yizwa umtandazo wami, ma ku ze kuwe nokukala kwami.
2U nga fihli ubuso bako kimi ngosuku lokuxineka kwami; beka indhlebe yako kimi u tyetye uku ngi zwa ngosuku e ngi biza ngalo.
3Ngokuba izinsuku zami zi ya nyamalala njengomusi; namatambo ami a ya tya njengeziko.
4Inhliziyo yami i tyayiwe, i bunile njengotyani; njengokuba ngi kohliwe ukudhla isinkwa sami.
5Ngenxa yezwi lokububula kwami, amatambo ami a ya namatela enyameni yami.
6Ngi ya fana nonozalizingwenya ehlane, ngi be njengesikova sencitakalo.
7Ngi ya linda, ngi njengenyoni e yodwa pezu kopahla.
8Izita zami zi ya ngi jezisa izinsuku zonke; bona aba gcwaneka ngami ba ya funga ngami.
9Ngokuba ngi dhlile umlota njengesinkwa, ngi xubanisile ukupuza kwami nokulila.
10Ebusweni bentukutelo yako nokucunukala kwako; ngokuba wa ngi pakamisa wa buya wa ngi kahlela pansi.
11Izinsuku zami zi njengomtunzi owandayo; mina ngomile njengotyani.
12Kepa wena, Jehova, wo hlala ku ze ku be pakade; nokukunjulwa kwako ngezizukulwane nezizukulwane.
13Wena wo vuka u haukele iZioni; ngokuba se ku isikati sokuba nomusa kulo, ngokuba umzuzu lo u fikile.
14Ngokuba izinceku zako zi ya tokoza ematyeni alo, zi haukele utuli lwalo.
15Ko ti izizwe zesabe igama lika Jehova, namakosi onke omhlaba udumo lwake.
16Lapo uJehova e se lakile iZioni, e bonakele ekukazimleni kwake.
17U ya nakekela umtandazo wabadingi, a ka wu deli umtandazo wabo.
18Loku ko lotyelwa izizukulwane ezilandelayo; ko ti abantu a ba za ku zalwa ba dumise uJehova.
19Ngokuba wa buka e sekupakameni kobungcwele bake; uJehova wa bheka umhlaba e sezulwini.
20Ukuzwa ukububula kombotywa; nokutukulula abantwana bokufa.
21Ukushumayela igama lika Jehova eZioni, nesibongo sake eJerusalema.
22Ekubutaneni kwabantu, nemibuso uku m konza uJehova.
23U ya ncipisa amandhla ami endhleleni; u finyeza izinsuku zami.
24Nga ti, Tixo wami, u nga ngi susi enxenyeni yezinsuku zami, iminyaka yako i nezinkulungwane nezinkulungwane.
25Endulweni wa sekela umhlaba, nezulu li ngumsebenzi wezandhla zako.
26Lona li za kububa, kanti wena u hlezi; li ya kuguga lonke njengengubo, njengokwambata wo li pendula li pendulwe.
27Kanti wena u nguye njalo; neminyaka yako a i yi ku pela.
28Abantwana bezinceku zako bo hlala; nenzalo yabo i qiniswe pambi kwako.