IZIHLABELELO 101
Isihlabelelo sika Davida.
1NGI ya kuhlabelela umusa nokwahlulela; ngi hubele kuwe Jehova.
2Ngo hlakanipa endhleleni eqoto. U ya kuza kimi nini na? Ngo hamba pakati kwendhlu yami ngenhliziyo eqoto.
3A ngi yi kubeka pambi kwamehlo ami indaba embi; ngi ya zonda ukwenza izipambeko; a ku yi kunamatela kimi.
4Inhliziyo epambeneyo yo deda kimi; a ngi yi kwazi omubi.
5Ngo nquma o m hlebayo owakelene naye ngasese; a ngi yi kuvuma yena o pakeme ngamehlo, nozidhlayo ngenhliziyo.
6Amehlo ami a ya kuba kubo abakolekayo bomhlaba, ukuze ba hlale nami; o hamba ngendhlela epeleleyo yena wo ngi konza.
7A ka yi kuhlala endhlini yami o yenza inkohliso; yena o kuluma amanga a ka yi kuma pambi kwamehlo ami.
8Ngi ya kutulisa ababi bonke bezwe masinyane; ukuze ngi nqume abasebenzi bokubi emzini ka Jehova.
Bible Society of South Africa 1893