1UMFAZI ohlakanipileyo u yaka indhlu yake, kanti o isiula u ya yi cita ngezandhla zake.
2O hamba ngobuqoto bake u ya m esaba uJehova, kanti o pambene ngezindhlela zake, u ya m dela.
3Emlonyeni wesiula i kona intonga yokuzidhla, kanti izindebe zabahlakanipileyo zo ba gcina.
4Nxa kungeko izinkomo, isibaya si ze, kanti ku kona inzuzo enkulu ngamandhla enkabi.
5Ufakazi weqiniso a ka yi ku qamba manga; kanti ufakazi ongaqinisile wo pimisa amanga.
6O hlekayo u ya funisisa ukuhlakanipa, kepa a kuko kuye; kanti ukwazi ku lula koqondayo.
7Deda kumuntu o isiula, nxa u nga boni kuye izindebe zokwazi.
8Ukuhlakanipa koqapelayo ku ngukuqonda indhlela yake; kanti ubuula beziula bu yinkohliso.
9Umnikelo wesono u ya hlekisa iziula; kanti pakati kwabalungileyo ku kona ukwamkelwa kahle.
10Inhliziyo i ya kwazi ukubaba kwayo; kanti umfokazi a nge patane nenjabulo yayo.
11Indhlu yababi i ya kucitwa; kanti itente labalungileyo li zo hluma.
12I kona indhlela elungileyo ebusweni bomuntu, kepa ukukaula kwayo ku yizindhlela zokufa.
13Na sekwenameni inhliziyo i nobuhlungu; futi ukupela kwenjabulo ku lusizi.
14O pambuka enhliziyweni wo suta ngezindhlela zake; kanti olungileyo u kude naye.
15Isipukupuku si ya kolwa kuwo onke amazwi; kanti ohlakanipileyo wo qonda imihambo yake.
16O hlakanipileyo u yesaba, u deda kuko okubi; kanti isiula si ya zikulisa, si nge nakukatala.
17O tukutela masinya u yenza ubuula; futi umuntu wamacebo wo zondwa.
18Abangahlakanipileyo ba li dhla ifa lobuula, kanti abahlakanipileyo ba hlobisiwe ngokwazi.
19Ababi ba toba pansi ebusweni babalungileyo; nabashingayo ngasemasangweni oqoto.
20Ompofu u ya zondwa na ngowakelene naye; kanti abatandi bocebileyo baningi.
21O dela owakelene naye u yona; kanti o haukela abahlupekayo u busisiwe.
22A ba yi kweduka yini aba qamba okubi? kanti umusa neqiniso ku kubo aba qamba okulungileyo.
23Emsebenzini wonke i kona inzuzo; kepake inkulumo yezindebe i banga ubumpofu.
24Umqele wabaqondileyo u ubucebi babo; kepake ubuula beziula bu ubuula nje.
25Ufakazi o qinisileyo u ya sindisa imipefumlo; kodwa o namanga u pimisela amacebo.
26Ngokumesaba uJehova ku kona itemba eliqinileyo; nabantwana bake bo ba nendawo yokupepela.
27Ukumesaba uJehova ku ngumtombo wokupila, ukuze ku mukwe ezihibeni zokufa.
28Ngobuningi babantu lu kona udumo lwenkosi, kepake ukuciteka kwenkosi ku nguku ba swela abantu.
29O puza ukutukutela u ya qonda kodwa o tyetya ukuvuka, u ya pakamisa ubuula.
30Inhliziyo etulisayo i ubomi benyama yake; kepake umona u ukubola kwamatambo.
31O hlupa ompofu u ya m delela umenzi wake; kodwa yena o m dumisayo, u ya m haukela umdingi.
32Onakalisayo u ya xotywa ekonakaleni kwake; kodwa o qoto u netemba ekufeni kwake.
33Ukwazi ku sa hlezi enhliziyweni yake o nokuqonda; kepake ku ya kwaziwa loko okupakati kweziula.
34Ukulunga ku ya li pakamisa isizwe; kodwa ukona ku yihlazo kubantu bonke.
35Umusa wenkosi u kuyo inceku e qondayo; kodwa ulaka lwayo lu ya ku ba kuye o hlazisayo.