1INDODANA e hlakanipileyo i ya fundiswa uyise, kepa isideleli ka si zwa ukululekwa.
2Ngokutela komlomo womuntu, u ya kudhla okulungileyo, kodwa umpefumlo wabonakalisayo ukuhlupeka.
3O lindayo umlomo wake, u ya gcina ukupila kwake; kanti o kamisa kakulu izindebe zake, wo ba nokuciteka.
4Umpefumlo wake o ivila u ya fisa a ku konto, kepa umpefumlo wabakutalayo wo suta nokusuta.
5Indaba yamanga o lungileyo wo yi zonda, kodwa ishinga lenza kabi li hlazisa.
6Ukulunga ko m gcina ondhlela yake i lungile, kodwa okubi ku ya si wisa isoni.
7Ku kona o zityo u cebile, kepa a ku konto; ku kona o zityo u mpofu, kepa ingcebo inkulu.
8Isihlaulo sokupila komuntu si ubucebi bake, kepa ompofu a kezwa ukululekwa.
9Ukukanya koqoto ku nenjabuliso, kodwa isibani sababi si ya kucinywa.
10Inkani i vezwa ngokuzidhla kupela, kodwa kubo aba vuma ukululekwa ku kona ukuqonda.
11Ingcebo e vela kalula yo ncipa, o yi butayo esandhleni, u ya ku yandisa.
12Itemba eli lityaziweyo li ya kataza inhliziyo, kodwa intando efeziweyo i ngumuti wokupila.
13O li delayo izwi wo bujiswa, kodwa o wesabayo umyalo wo vuzwa.
14Umteto wohlakanipileyo u ngumtombo wokupila, ukuze ku mukwe kuyo imigibe yokufa.
15Ukuqondisa okumnene ku ya veza umusa, kodwa indhlela yabakohlisayo i lukuni.
16Bonke abahlakanipileyo ba ya kwenza ngokwazi, kodwa isiula si ya beneka ubuula.
17Isitunywa esibi so wa enkatazweni, kodwa umtunywa o kolekileyo u ya pilisa.
18Ubumpofu nehlazo ko ba kuye o delayo ukufundisa, kanti yena o lalela ukululekwa wo dunyiswa.
19Intando efeziweyo yo ba mnandi empefumlweni, kodwa ku into e zondekayo eziuleni ukusuka ebubini.
20O hamba nabahlakanipileyo wo hlakanipa naye, kodwa o tanda iziula wo ba omubi.
21Okubi ko landela izoni, kodwa abaqoto wo ba vuza ngokuhle.
22Olungileyo wo benza abantwana babantwana ba be abadhli befa, kodwa ingcebo yesoni i ya gcinelwa oqoto.
23Indima yabampofu i nokudhla okuningi, kodwa ku kona ukuciteka ngokungalungi.
24O yeka uswazi, u ya zonda indodana yake, kepa o yi tandayo u ya m funela ukululekwa.
25Olungileyo u ya dhla a ze a hluleke, kodwa isisu somubi so swela.