1ABAKWA Rubeni nabakwaGadi ba be nomhlambi omkulu wezinkomo; na lapo be li bona izwe laseJazeri, ne lase Giladi, ukuba ku izwe elihle lezinkomo;
2Abakwa Gadi nabakwaRubeni ba fika ba kuluma kuMosi, na kuEleazari umpristi, na kuzo izikulu zebandhla, be ti,
3iAtaroti, neDibone, neJazeri, neNimra, neHeshbone, neEleale, neShebamu, neNebo, neBeoni.
4Izwe ela hlulwa uJehova ngapambi kwebandhla lika Israeli, li izwe lezinkomo, na ti, zinceku zenu, si nezinkomo:
5Ba tike, uma si wu tolile umusa ebusweni benu, ma si piwe lelizwe li be ifa letu, si nga weliswa iJordani.
6uMosi wa ti kubo abakwaGadi nabakwaRubeni, Abafo wenu ba ya kulwa, nina ni hlezi lapa na?
7Ni i diniselani inhliziyo yabakwaIsraeli ukuba ba nga li weleli izwe aba piwa lona nguJehova na?
8Oyihlo benu benzenje ekubatumeni kwami, ngi seKadesh-barnea ukuba ba bone izwe.
9Ngokuba ekukupukweni kwabo esigodini sase-Eshikoli, ba li bona izwe, ba dangalisa inhliziyo yabakwaIsraeli, ukuze ba nga ngeni ezweni a ba li piwa nguJehova.
10Nolaka luka Jehova lwa vuka nga leso sikati, wa funga, wa ti,
11Impela amadoda a pumileyo Egipite, ku suke kwa ba mashumi amabili na ngapezulu, a yi ku li bona izwe, e ngi li fungele uAbrahama, noIsaka, noJakobe; ngokuba aka ngi landelanga ngokwempela:
12Kupela uKalebi indodana ka Jefuna o wa seKenazi, noJoshua indodana ka Nuni, ngokuba bona ba m landela uJehova ngokwempela.
13Nolaka luka Jehova lwa ba vukela abakwaIsraeli, wa ba zulisa ehlane iminyaka e ngamashumi amane, sa ze sa fa sonke isizukulwane e senza okubi emehlweni ka Jehova.
14Futi, bhekani, ni vukile endaweni ya oyihlo, inzalo yabonileyo, ukuluvusa futi ulaka olukulu luka Jehova kwabakwaIsraeli.
15Ngokuba uma ni ya m dela yena, u ya kubashiya futi ehlane; nga loko ni ba bulale bonke laba bantu,
16Ba sondela kuyena, ba ti, Si ya kwakela izinkomo zetu izibaya, nemizi yezingane zetu;
17Kodwa tina ngokwetu si hambe ngapambi kwabakwaIsraeli si hlomile, si ze si ba fikise endaweni yabo; nezingane zetu zi hlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabantu aba sezweni.
18Si nga buyeli ezindhlini zetu, abakwaIsraeli be nga ka li dhli ifa labo bonke.
19Ngokuba a si yi ku li dhla ifa kanye nabo ngapesheya kweJordani na ngapambili; ngokuba eletu si li dhlile nganeno, ngasempumalanga.
20Wa ti uMosi kubona, uma ni ya kuyenza lento, uma ni ya kuhamba ngapambi kuka Jehova ni hlomile,
21Ni li wele nonke iJordani ngapambi kuka Jehova ni hlomile, a ze a zi xotye izita zake ngapambi kwake,
22Nezwe la hlulwe ngapambi kuka Jehova: na ngasemva ni buye, ni nga bi nacala ngapambi kuka Jehova, na ngapambi kukaIsraeli; nezwe leli li be ifa lenu ngapambi kuka Jehova.
23Kodwa uma ni nga kwenzi loko, bhekani, nonile kuJehova; nazi impela ukuba isono senu so ni fumana.
24Yakani imizi yezingane zenu, nezibaya zezimvu zenu; ni kwenze loko oku pumileyo emilonyeni yenu.
25AbakwaGadi noRubeni; ba kuluma kuMosi, ba ti, Izinceku zako zo kwenza oku yalezwa inkosi yetu.
26Izingane zetu, nabafazi betu, nemihlambi yetu yonke, i ya kuhlala lapo emizini yakwaGiladi.
27Kodwa tina so wela, ilowo njalo e hlomile, ngapambi kuka Jehova empini, njengokutyo kwenkosi yetu.
28Ngaloko uMosi wa yaleza uEleazari umpristi, noJoshua indodana ka Nuni, nezikulu zezizwe zakwaIsraeli ngabo,
29uMosi wa ti kubona, Uma abakwaGadi nabakwaRubeni be wela nani iJordani, ilowo e hlomile, ngapambi kuka Jehova, nezwe lahlulwe ngapambi kwenu, no ba nikake izwe laseGiladi li be ifa labo:
30Kodwa uma be nga weli nani be hlomile, ba ya kunikwa ifa kanye nani ezweni laseKenani,
31NabakwaGadi noRubeni ba pendula, ba ti, njengokutyo kuka Jehova ezincekwini zake, loko so kwenza.
32Si ya kuwela si hlomile ngapambi kuka Jehova ezweni lase Kenani, ukuze ifa letu eli nganeno kweJordani li be eletu.
33uMosi wa ba nika abakwaGadi nabakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwa Manasa indodana ka Josefa, umbuso ka Sihoni inkosi yabakwaAmori nombuso kaHogi inkosi ya seBashani, izwe, kanye nemizi e sosebeni, nemizi e sezweni lonke.
34AbakwaGadi, baka iDibone, noAtaroti, noAroeri,
35NeAtroti, neShofani, neJazeri, neJogbeha,
36NeBeth-nimra, neBeth-harani, imizi ebiyelweyo: nezibaya zezimvu.
37AbakwaRubeni baka iHeshbone, neEleale, neKirjathaimi.
38NeNebo, neBaal-meoni, (amagama a pendulewe kodwa), neShibma; ba nika imizi aba yakayo, amanye amagama.
39AbakaMakiri indodana kaManasa, ba ya eGiladi, ba li tata, ba kipa aba kwa Amori aba be, kulo.
40uMosi wa nika uMakiri indodana ka Manasa eGiladi, wa hlala kulo.
41uJaire indodana ka Manasa wa hamba wa tata imizana ya kona, wa i biza ngokuti iHavoth-jaire.
42NoNoba wa hamba wa tata iKenate, nemizana yalo, wa i biza ngokuti iNoba, ngegama lake.