1UJEHOVA wa kuluma kuMosi, wa ti,
2Pindisela abakwa Israeli kumaMidiani na ngasemva kwa loku u ya kubutelwa kubantu bakini.
3uMosi wa kuluma kubantu, wa ti, Abanye benu ma ba hlomele impi, ba lwe namaMidiani ba pindisele uJehova kumaMidiani.
4Ku leso sizwe njalo inkulungwane, na kuzo zonke izizwe zakwa Israeli ni zi tumele empini.
5Ngakoke kwa vela ezinkulungwaneni zakwa Israeli, inkulungwane njalo ku leso sizwe, izinkulungwane ezi ishumi nambili zi hlomele impi.
6uMosi wa ba tumela empini, inkulungwane njalo kuleso sizwe, bona noFinehasi, indodana ka Eleazari umpristi, empini, kanye nezingumbu ezi ingcwele namatilongo okubetwa esandhleni sake.
7Ba lwake namaMidiani, njengokutyo kuka Jehova kuMosi; ba bulala sonke isilisa kubona.
8Ba bulala amakosi akwa Midiani, ngapandhle kwabanye aba bulawayo; uEvi, noRekemu, noZuri, noHuri, noReba, amakosi a isihlanu akwa Midiani noBalami indodana ka Beore ba m bulala ngenkemba.
9Naba kwa Israeli ba tata bonke aba isifazana bakwa Midiani, nezingane zabo, nezinkomo zonke zabo, nemihlambi yonke yabo, nempahla yonke yabo.
10Ba i tyisa yonke imizi yabo lapo ba be hlezi kona, nezinqaba zonke zabo ezinhle.
11Ba i tata yonke impango nempahla, yabantu ne yezilwane.
12Ba ba leta abantu, nempango, nempahla, kuMosi, nakuEleazari umpristi, na sebandhleni laba kwa Israeli, ekamwini ematafeni akwa Moabi a nga seJordani eduze neJeriko.
13uMosi, noEleazari umpristi, nawo onke amakosana ebandhla, a puma ukubahlangabeza ngapandhle kwekamu.
14uMosi wa zi tukutelela izinduna zebandhla, izinduna zezinkulungwane nezamakulu, e za vela empini.
15uMosi wa ti kubona, Abesifazana ni ba sindise bonke na?
16Bheka, ibo laba abenza ukuba aba kwa Israeli bone, ngesiyalezo sika Balami, bone kuJehova endabeni ya kwa Peori: kwa ba kona inhlupeko ebandhleni lika Jehova.
17Manjeke bulalani sonke isilisa kwabancane, nabesifazana bonke aba yaziyo indoda ngokulala nayo.
18Kodwa onke amantombazana a ngayaziyo indoda ngokulala nayo, zi londeleni wona.
19Ni hlale ngapandhle kwekamu izinsuku ezi isikombisa: ku ti o bulele umuntu, no si patileyo isidumbu, ni zi hlambulule nina kanye nezibotywa zenu ngosuku lwesitatu, na ngolwesikombisa.
20Ni hlanze zonke izingubo zenu, nako konke okwenziwe ngezikumba, nako konke okoboya bezimbuzi, nako konke okomuti.
21uEleazari umpristi wa ti emadodeni okulwa, a e yile empini, Loku ku isimiso somteto, wesiyalezo sika Jehova kuMosi;
22Igolide, nesiliva, netusi, nensimbi, nokete, nomtofu,
23Konke oku wahlulayo umlilo, ni ya kwenza ukuba ku fakwe kuwona, ku hlambululeka: noko ma ku hlanjululwe ngamanzi esahlukaniso: nako konke okwahlulwa umlilo ma ku fakwe emanzini.
24Nangosuku lwesikombisa ma ni geze izingubo zenu, ni hlambululeke, na ngasemva ni ngene ekamu.
25uJehova wa kuluma kuMosi, wa ti,
26Tata iningi lempango etatiweyo, yabantu neyezilwane, wena, noEleazari umpristi, nezikulu zebandhla:
27Nahlukanisele impango kabili, aba puma impi, nalo lonke ibandhla;
28U telisele uJehova bona aba be ye empini; ku be kunye emakulwini a isihlanu, kokubili kubantu nasezinkabini, na sezimbongolweni, na sezimvwini.
29Ni tate inxenye yako, ni i nike uEleazari umpristi, i be umnikelo wokuponswa kuJehova.
30Na senxenyeni yabakwa Israeli, ni tate ku be kunye emashumini a isihlanu, kubantu, nasezinkabini, nasezimbongolweni, nasemihlambini yezilwane zonke, ni i nike abaLevi aba meleyo itabanekele lika Jehova.
31uMosi noEleazari umpristi benza njengesiyalezo sika Jehova kuMosi.
32Nempango e ya i sele kweya i tatiwe amadoda empi, ya i izimvu ezi izinkulungwane ezi ngamakulu a isitupa, nezinkulungwane ezi ngamashumi a isikombisa, nezinkulungwane ezi isihlanu.
33Nezinkabi ezi izinkulungwane ezi ngamashumi a isikombisa nambili.
34Nezimbongolo ezi inkulungwane namashumi a isitupa.
35Nabantu aba izinkulungwane ezi ngamashumi amatatu nambili, abesifazana a ba be nga zange ba lale namuntu.
36Nenxenye, e nge yabo a ba be pumele impi ya i izimvu ezi izinkulungwane ezi ngamakulu amatatu, nezinkulungwane ezi ngamashumi amatatu nesikombisa.
37Nomnikelo ka Jehova ezimvwini wa u ngamakulu a isitupa namashumi a isikombisa nesihlanu.
38Nezinkabi za zi izinkulungwane ezi ngamashumi amatatu nesitupa; nomnikelo ka Jehova ku loko, amashumi a isikombisa nambili.
39Nezimbongolo za zi izinkulungwane ezi ngamashumi amatatu namakulu a isihlanu; nomnikelo ka Jehova ku loko, amashumi a isitupa nanye.
40Nabantu ba be izinkulungwane ezi ishumi nesitupa; nokuka Jehova ku loko, amashumi amatatu nambili.
41uMosi wa u nika umnikelo, o wa u ngo wokuponswa ka Jehova, wa u nika uEleazari umpristi, njengesiyalezo sika Jehova kuMosi.
42Nenxenye yabakwaIsraeli, e ya hlukaniswa nguMosi kwa bempi;
43Inxenye e ya i eyenhlangano ya i izimvu ezi izinkulungwane ezi ngamakulu amatatu, nezinkulungwane ezi ngamashumi amatatu, nezinkulungwane ezi isikombisa namakulu a isihlanu.
44Nezinkabi ezi izinkulungwane ezi ngamashumi amatatu nesitupa.
45Nezimbongolo ezi izinkulungwane ezi ngamashumi amatatu namakulu a isihlanu.
46Nabantu aba izinkulungwane ezi ishumi nesitupa;
47Na senxenyeni yabakwaIsraeli, uMosi wa tata enye njalo emashumini a isihlanu, kubantu nasezilwaneni, wa ku nika abaLevi aba li patayo itabanekele lika Jehova; njengesiyalezo sika Jehova kuMosi,
48Nezikulu ezi ngapezu kwezinkulungwane zebandhla, izinduna zezinkulungwane, nezamakulu, za sondela kuMosi:
49Za ti kuMosi, Izinceku zako zi balile amadoda onke okulwa a ngapansi kwetu, a kwa sala noyedwa.
50Si wu letileke umnikelo kuJehova, konke e si nako kwegolide, namakatanga, nemiqele, namasongo, nako konke okunjalo, ukwenzela imipefumulo yetu isihlaulelo ngapambi kuka Jehova.
51uMosi noEleazari umpristi ba li tata igolide kubona, zonke izivunulo ezi setyenziweyo.
52Negolide lonke lomnikelo ba li nikela kuJehova, lezinduna zezinkulungwane, nezamakulu, amashekeli a izinkulungwane ezi ishumi nesitupa, namakulu a isikombisa namashumi a isihlanu.
53Ngokuba amadoda empi a e zitatele kwa ilowo njalo impango.
54uMosi noEleazari umpristi ba li tata igolide lezinduna zezinkulungwane nezamakulu, ba li ngenisa etabanekeleni lebandhla, li be isikumbuzo kwabakwaIsraeli ngapambi kuka Jehova.