1UKORA indodana ka Izhari indodana ka Kohati, indodana ka Levi, noDatane noAbiramu, amadodana ka Eliabi noOni, indodana ka Pelete, amadodana ka Rubeni, ba buta amadoda:
2Ba zimisa ngapambi kuka Mosi, kanye nabanye aba kwa Israeli, amakosana ebandhla a ngamakulu amabili namashumi a isihlanu, a dumileyo ebandhleni, na nga maqawe:
3Ba butana ngapambi kuka Mosi noAroni, ba ti kubona. Ni zetwesa kakulu nina, njenga loku lonke ibandhla li ingcwele, bonke ngoqobo, noJehova e kubona: Ni zipakamiselani pezu kwebandhla lika Jehova na?
4Lapo e se ku zwile loko uMosi, wa wa pansi ngobuso:
5Wa kuluma kuKora na kulo lonke ibandhla lake, wa ti, ngomuso loku uJehova u ya kubaveza abake, naye o ingcwele, a menze ukuba a sondele kuye: yena a m ketileyo impela a m sondeze kuyena.
6Yenzani loku: Tatani izitya, wena Kora, nebandhla lonke lako.
7Ni fake kuzona umlilo, nempepo ngapambi kuka Jehova ngomuso: ku ti a ketwayo nguJehova ku be uyena ngcwele: ni zetwesa kakulu, nina madodana ka Levi.
8Wa ti uMosi kuKora, Yizwani ngi ya ni ncenga, nina madodana ka Levi:
9Ku into encane kinina, ukuba uTixo ka Israeli e nahlukanisile ebandhleni lika Israeli, ukuba e ni sondezele eduze kwake nenze umsebenzi wendhlu ka Jehova, nokuba ni me ngapambi kwebandhla uku li kulumela na?
10U ni sondezile eduze kwake, nabafo wenu bonke amadodana ka Levi kanye nani: ninake ni fisa nobupristi futi na?
11Ngokuba wena nebandhla lonke lako ni hlanganyela uJehova ngaloko: uAroni, u ngubani yena, ukuze ni m sole na?
12uMosi wa tuma wa biza uDatane noAbiramu, amadodana ka Eliabi; a ba ti, A si yi kukupuka tina:
13Ku into encane ukuba u si kipe ezweni eli veza ubisi nezinyosi, ukuba u si bulale ehlane, u zenze u be inkosi pezu kwetu wedwa na?
14Futi a u si letanga ezweni eli veza ubisi nezinyosi, noku si nika ifa lamasimu nezivini: u ya kuba kipa amehlo a laba bantu na? tina a si yi kukupuka.
15uMosi wa tukutela kakulu, wa ti kuJehova, U nga zi naki izipo zabo; A ngi tatanga na inye imbongolo kubo, a ngi limazanga namunye futi,
16uMosi wa ti ku Kora, Ngomuso wo ba ngapambi kuka Jehova, wena, nabo, noAroni nebandhla lonke lako:
17Ilowo njalo a pate isitya sake, a fake impepo kona, ni lete kuJehova ku be ilowo isitya sake, izitya ezi ngamakulu amabili namashumi a isihlanu; nawe noAroni, i lowo isitya sake.
18Kwa ba ilowo wa tata isitya sake, wa faka kona umlilo, wa beka impepo, wema emnyango wendhlu yomhlangano kanye noMosi noAroni.
19uKora wa li butela lonke ibandhla emnyango wendhlu yomhlangano, nodumo luka Jehova lwa bonakala kulo lonke ibandhla.
20uJehova wa kuluma kuMosi na ku Aroni, e ti,
21Zahlukaniseni ku leli bandhla, ukuze ngi ba qede masinyane.
22Ba se be wa bona ngobuso, ba ti, o Tixo, uTixo wemimoya yenyama yonke, ku ya kona umuntu munye, u tukutelele lonke ibandhla na?
23uJehova wa kuluma kuMosi, wa ti,
24Kuluma kulo ibandhla, u ti, Sukani nga kulo itabanekele lika Kora, noDatane noAbiramu.
25uMosi wa vuka wa ya kuDatane na kuAbiramu, nezikulu za kwa Israeli za m landela.
26Wa kuluma ebandhleni wa ti, Sukani ngi ya ni ncenga, ezindhlini za laba bantu ababi, ni nga tinti luto lwabo, funa ni qedwe kanye nezono zonke zabo.
27Ngako ba suka nga kulo itabanekele lika Kora, noDatane, noAbiramu, ngalapa na ngalapa: noDatane noAbiramu ba puma, bema ngasemnyango yezindhlu zabo, nabafazi babo, namadodana abo, nezingane zabo
28uMosi wa ti, Ngaloku ni ya kwazi ukuba uJehova u ngi tumile ukukwenza konke loku; ngokuba a ngi kwenzanga ngowami umcabango.
29Uma laba bantu be bulawa ukufa kwabantu bonke, noma be fikelwa oku fikela abantu bonke; uJehova a ka ngi tumanga.
30Kodwa uma uJehova enza into entya, nomhlaba u vula umlomo wawo, u ba gwinye, nako konke okwabo, ba tyone masinyane egodini, no kwazike ukuba laba bantu ba m tukutelisile uJehova.
31Kwa ti, e se wa qedile lawa mazwi, umhlabati o ngapansi kwabo wa vuleka:
32Nomhlaba wa wu vula umlomo wawo, wa ba gwinya, nezindhlu zabo, nabo bonke abantu baka Kora, nempahla yonke yabo.
33Bona, nabo bonke ababo, ba ngena bezwa egodini, nomhlaba wa ba m boza ba hlukaniswa ngokufa ebandhleni.
34Nabo bonke aba kwa Israeli aba be nga kona ba balekiswa ukukala kwabo; ngokuba ba ti, funa umhlaba u si gwinye nati.
35Kwa vela umlilo u puma kuJehova wa ba bulala aba be tyisele impepo aba ngamakulu amabili namashumi a isihlanu.
36uJehova wa kuluma kuMosi, wa ti,
37Kuluma kuEleazari indodana ka Aroni umpristi, ukuba a zi tate izitya emlilweni, nawe u wu hlakaze umlilo lapaya: ngokuba zi ingcwele.
38Izitya za lezi zoni nga kuyo imipefumulo yabo, ma ba lenzele ilati, izisibekelo ezibanzi: ngokuba ba zi nikela ngapambi kuka Jehova, ngako zi ingcwele: zi ya kuba isibonakaliso kubantwana baka Israeli.
39uEleazari umpristi wa zitata izitya zetusi, e za zi nikelwe aba tyileyo: kwenziwa ngazo izisibekelo ezibanzi ukusibekela ilati.
40Ku be isikumbuzo kubantwana baka Israeli, ukuba isihambi o ku nge iso senzalo ka Aroni, si nga sondeli ukunikela impepo ngapambi kukaJehova; ukuze a nga bi njengoKora, na njengebandhla lake: njengokutyo kuka Jehova kuyena ngesandhla sika Mosi.
41Kodwa ngosuku olulandeleyo lonke ibandhla labantwana baka Israeli ba nkonona kuMosi nakuAroni, ba ti. Ni ba bulele abantu baka Jehova.
42Kwa ti, ibandhla se li butene kuMosi noAroni, ba bheka kulo itabanekele lebandhla: ba bona, ifu li li mbozile, nodumo luka Jehova lwa vela,
43uMosi noAroni ba fika ngapambi kwetabanekele lebandhla.
44uJehova wa kuluma kuMosi, e ti,
45Sukani kulelibandhla, ukuba ngi ba qede masinya. Ba se be wa pansi ngobuso.
46Wa ti uMosi kuAroni, Tabata isitya, u fake kona umlilo o selatini, u beke kona impepo, u ye masinyane kulo ibandhla, u benzele isihlaulelo: ngokuba lu pumile ulaka kuJehova; ukufa ku qalile.
47uAroni wa tata njengesiyalezo sika Mosi, wa gijima e ziponsa kulo ibandhla; kwa ti, bheka, ukufa kwa se ku qalile kubantu; wa beka impepo wenzela abantu isihlaulelo.
48Wema emkatini wabafileyo naba pilileyo; ukufa kwa pela.
49Bona aba bulawa i loku kufa ba be izinkulungwane ezi ishumi nane namakulu a isikombisa, ngapandhle kwabo aba be bulewe ngendaba ka Kora.
50uAroni wa buyela kuMosi emnyango wetabanekele lebandhla: lokokufa kwa pela.