1WA tyo uJehova kuMosi, e ti;
2Yityo kubantwana ba kwa Israeli, u ti kubo; uma se ni fikile ezweni e ni ya kuhlala kulo, e ngi ni nike lona,
3Nenze umnikelo kuJehova, umnikelo wokutya, noma umnikelo wokufeza isifungo, noma owokubonga, noma ngesikati esimisiweyo senu, ukwenza ipunga elimnandi kuJehova, owezinkomo, noma owezimvu.
4Konake onikelayo umnikelo wake kuJehova wo leta umnikelo wokudhla, okweshumi kwempupu ku xutyiwe nokwesine kwehini lamafuta.
5Newaini li be umnikelo wokupuza, okwesine kwehini u ya kukulungisa nomnikelo wokutya, noma nomhlatyelo weundhlu li linye.
6Noma inqama ni ya kuyenzela umnikelo wokudhla okweshumi izilinganiso ezimbili zempupu ecolisiweyo e xutywe namafuta okwesitatu kwehini.
7Newaini li be umnikelo wokupuza, okwesitatu kwehini u ya kukunikela, li be ipunga elimnandi kuJehova.
8Na lapo wenze inkunzi i be umnikelo wokutya, noma umhlatyelo wokufeza isifungo, noma iminikelo yokutula, kuye uJehova;
9Wo leta nenkunzi umnikelo wokudhla kokweshumi kwempupu ecolisiweyo izilinganiso ezintatu i xutywe namafuta inxenye yehini.
10Newaini wo li leta, li be umnikelo wokupuza inxenye yehini, nomnikelo owenziwe ngomlilo a be ipunga elimnandi kuJehova.
11Ku zo kwenziwa njalo ngenkunzi enye, noma ngenqama enye, noma ngeundhlu, noma ngezinyane lembuzi
12Njengeningi e ni lenzayo, kunjalo ni ya kwenza kuleyo, njengobuningi bazo.
13Bonke aba zalwa kulelozwe ba zo kwenza lezi zinto kanjalo, ukunikela umnikelo owenziwa ngomlilo, ipunga elimnandi kuJehova.
14Uma o wa semzini e hlala nani, noma ubani u pakati kwenu ngezizukulwana zenu, enza umnikelo owenziwa ngomlilo, ipunga elimnandi kuJehova, njengokuba nenza nina, wo kwenza naye.
15Isimiso sinye kinina bebandhla, na kuye o wasemzini ohlalayo nani isimiso njalo ngezizukulwana zenu, njengani, u zo kuba njalo o wasemizini ebusweni buka Jehova.
16Umteto omunye nomyalo omunye u ya kuba na kuye o wasemzini ohlalayo nani.
17Wa tyo uJehova kuMosi, e ti;
18Yityo kubantwana bakwaIsraeli, u ti kubo, Ekufikeni kwenu ezweni e ngi ni yisa kulo;
19Ko ti ekudhleni kwenu isinkwa sezwe, ni ya kunikela umnikelo wokupakamisa kuJehova.
20Ni ya kunikela isinkwa senhlama yenu yolibo si be umnikelo, ni ya kusi pakamisa njengomnikelo wokupakanyiswa wesibuya.
21Njengenhlama yenu yokuqala ni ya kunikela kuJehova umnikelo wokupakanyiswa ngezizukulwana zenu.
22Uma ni dukile, a nenza yonke imiyalo le a i shumayelayo uJehova kuMosi,
23Konke uJehova a ni yala ngako ngesandhla sika Mosi; ku suka ku lolo suku uJehova a yala ngalo, na ngapambili ngezizukulwana zenu.
24Ko ti uma kwenziwa uto ngokungazi ngapandhle kwamehlo ebandhla, lonke ibandhla li ya kunikela inkunzana yenkomo i be inye, i be umnikelo wokutya, i be ipunga elimnandi kuJehova, nomnikelo wayo wokudhla, nomnikelo wokupuza, njengomyalo, nempongo i be inye i be umnikelo wesono.
25Umpristi u ya kulihlaulela lonke ibandhla labantwana bakwaIsraeli, ba tetelelwe ngokuba ku ukungazi, nabo ba ya kuleta umnikelo wabo, umnikelo owenziwa ngomlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono ebusweni buka Jehova, ngenxa yokungazi kwabo.
26Li ya kutetelelwa lonke ibandhla labantwana bakwaIsraeli, kanye nowa semzini ohlalayo pakati kwabo, ngokuba bonke abantu ba be nokungazi.
27Uma umuntu ona ngokungazi, u ya kuleta iqukazana lomnyaka munye li be umnikelo wesono.
28Nompristi u ya kuhlaulela umuntu owonayo ngokungazi ebusweni buka Jehova, uku m hlaulela u ya kutetelelwa.
29Owezwe o pakati kwabantwana bakwaIsraeli, nowasemzini o hlalayo pakati kwabo wo ba umteto omunye kini ukwenza ngokungazi.
30Nompefumlo owenza ngokweyisa, noma owa lelozwe, noma owasemzini, u ya m tuka uJehova, lompefumlo u zo nqunyelwa ngapakati kwabantu ba kubo.
31Ngokuba u li delile izwi lika Jehova, nomyalo wake u wu pulile, u zo nqunywa impela lompefumlo, isono sake si be pezu kwake.
32Kwa ti abakwaIsraeli be sehlane, ba fumana indoda i teza izinkuni ngosuku lwesabata.
33Aba m fumanisa e teza izinkuni ba m yisa kuMosi noAroni, na kulo lonke ibandhla.
34Ba m beka ekulindweni, ngokuba kwa ku nga tyiwo ukuti, ku zo kwenziwani kuye.
35Wa ti uJehova kuMosi, u zo kufa nokufa lomuntu, ibandhla lonke li ya kumkanda ngamatye ngapandhle kwekamu.
36Lonke ibandhla la m pumesela ngapandhle kwekamu, ba m kanda ngamatye wa ze wa fa, njengaloku uJehova a m yala uMosi.
37Wa tyo uJehova kuMosi, e ti,
38Yi tyo kubantwana bakwaIsraeli, u ti kubo, ukuba ba zenzele ubulwembu empetweni wezingubo zabo, ngezizukulwana zabo, nekoba ba beke ebulwembini bompeto intambo eluhlaza.
39Bu ya kuti kini bu be ubulwembu, nkuba ni bu beke, ni kumbule yonke imiyalo ka Jehova, ni yenze, ni nga pambuki ni landele izinhliziyo zenu namehlo enu, e ni be ni hamba ni hexeza emva kwawo.
40Ukuba ni kumbule nenze yonke imiyalo yami ni be aba ingcwele baka Tixo wenu.
41Ngi uJehova uTixo wenu, o wa ni pumesa ezweni lasEgipite, ngi be uTixo kini. Ngi uJehova uTixo wenu.