1YIZWANI manje loku uJehova a ku tyoyo; Vuka u pike kuzo izintaba, imimango ma i zwe izwi lako.
2Yizwani, Nina zintaba ukupika kuka Jehova, nani zisekelo zomhlaba: ngokuba uJehova u nokupikisana nabantu bake, yena wo lungisana nabaIsraeli.
3Bantu bami, ngenzeni kuwe na? ngi ku katazile ngani na? ngi pendule.
4Ngokuba ngi ku kupulile ezweni la sEgipite, ngi ku kululile endhlini yezinceku; ngi ti ngi tumile pambi kwako oMosi, noAroni, noMiriamu.
5Bantu bami, kumbulani manje loku o wa ku ceba uBalaki inkosi ya seMoabi, na loku o wa ku pendula kuye uBalimi indodana ka Beori ku qale eShitimu ku fike eGilgali; ukuze naze ukulunga kuka Jehova
6Ngi ya kuza pambi kuka Jehova ngi peteni, ngi kotame kuTixo opakamileyo na? nga ngi ze pambi kwake ngi neminikelo yokutyiswa, namatole amnyaka munye?
7uJehova wo tokoza ezinkulungwaneni ezi ishumi zemifula yamafuta na? ngo nika izibulo lami ngesipambeko sami, inzalo yesisu sami ngesono sompefumlo wami na?
8U ku bonisile, Muntu, loku okulungileyo; uJehova u bizani pela kuwe, ku nga bi ukwenza ukwahlula, nokutanda umusa, nokuzehlisa u hambe noTixo wako na?
9Izwi lika Jehova li ya memeza kuwo umuzi, o nengqondo wo bona igama lako: yizwani intonga, naye o yi bekileyo.
10U se kona umuntu wendhlu embi o nengcebo yobubi, nendinganiso encane etukiweyo na?
11Ngi ya kuti ba hlanzekile aba nezilinganiso zobubi, nesikwama samatye enkohliso na?
12Ngokuba abacebileyo bayo ba gcwele unya, nabahleziyo bayo ba kulumile amanga; nolimi lwabo lu nenkohliso emlonyeni wabo.
13Ngako pela ngo ku gulisa ngoku ku tyaya, ngoku ku citakalisa ngenxa yezono zako.
14Wena u ya kudhla, kepa a u yi ku suta; futi ukulamba kwako ko ba ezibilinini zako; wo kweza a u yi ku sindisa; na loku o ku sindisayo ngo ku nikela enkembeni.
15Wena u ya kuhlwanyela, kanti a u yi ku vuna; wena wo nyatela imihlwati, kanti a u yi ku gcoba amafuta; newaini elitya kanti a u yi ku puza iwaini.
16Ngokuba izimiso zika Omri zi ya gcinwa, nezenzo zonke zabendhlu ka Ahabi, futi ni ya hamba emiyalweni yabo; ukuze ngi ku nikele ekucitakaleni, nabahleziyo balo izwe encifeni; ngako ni ya kupata ihlazo labantu bami.