1KALOKU zibute empini, Ndodakazi yempi: yena u bekile ukuvimbezela ngakiti: bo tyaya umahluli wa seIsraeli ngenduku esihlatini.
2Kepa wena Betlehema Efrata o naba incozana pakati kwabaizinkulungwane ba seIsraeli, wo puma kuwe e ze kimi yena o ya kuba umbusi eIsraeli; okupuma kwake ku be o kwa sendulweni kwa semihleni ya pakade.
3Ngako wo ba nikela ku ze ku be isikati a zale ngaso yena o beletayo: lapo insalo yabafo babo yo buyela emadodaneni a kwa Israeli.
4Ko ti e me a hole emandhleni kaJehova, na sebukosini begama lika Jehova uTixo wake; bona ba zo hlala: ngokuba ku lesisikati yena wo ba mkulu ku ze ku na semikaulweni womhlaba.
5Ku ya kuti lo a be ukuhlalisa kahle, lapo umAshuri e ngena ezweni letu, na lapo e nyatela ezinqabeni zetu, tina so vusela nga kubo abaholi aba isikombisa, nabagcotyiweyo babantu aba shiyagalombili.
6Bona ba ya kudhla izwe la seAshuri ngenkemba, nezwe la seNimrodi emasangweni alo: ko ti a si sindise kuAshuri lapo e ngena ezweni letu, na lapo e nyatela emacaleni etu.
7Ko ti insalo ka Jakobe i be pakati kwabantu abaningi njengombete o vele kuJehova, njengezihlambi pezu kotyani ezi nga hlaleli umuntu, e zi nga libali ngenxa yamadodana omuntu.
8Ku ya kuti insalo ka Jakobe i be ezizweni pakati kwabantu abaningi njengebubesi pakati kwezilwane zehlati, njengengonyama entya pakati kwemihlambi yezimvu; yona nxa i dabulayo i ya nyatela pansi kanye, i dwebule, ku ngeko o sindisayo.
9Isandhla sako si ya kupakanyiswa pezu kwezita zako, ko ti abazondi bako bonke ba nqunywe.
10Ku ya kuti nga lomhla, u tyo uJehova, ukuba ngi nqume amahashi ako pakati kwako, ngi cite nezincwele zako:
11Futi ngo nquma imizi yezwe lako, ngi dilize izinqaba zako zonke:
12Futi ngo nquma ukutakata esandhleni sako; a zi yi ku ba kuwe nezanusi:
13Imifanekiso yako ebaziweyo ngo yi nquma, nezitombe zako pakati kwako; a u sa yi ku kotama kuwo umsebenzi wezandhla zako.
14Ngo ti ngi domule izinsika zako ezi izitombe pakati kwako: njalo ngo cita imizi yako.
15Mina ngi ya kwenza impindiselo ngolaka na ngokuvuta kuzo izizwe, e zi nga yi zwanga.