1EKUPELENI kwesabata, kwa se ku za kusa, ngosuku lokuqala lwesonto, kwa fika uMaria Magdalene nomunye uMaria ukubona ituna.
2Kwa ku kona ukuzamazama komhlaba okukulu; ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza ya gingqa itye, ya li susa emnyango, ya hlala pezu kwalo.
3Ukubonakala kwayo kwa ku njengonyazi, nesambato sayo sa si mhlope njengongqogqwane.
4Abalindi ba tutumela ngokuyesaba, ba ba njengabafileyo.
5Ingelosi ya pendula ya ti kwabesifazana, Ni ngesabi nina; ngi yazi ni funa uJesu, o be betelwe.
6A mu ko lapa; u vukile njengokutyo kwake. Zanini ni bone indawo lapa iNkosi i bi lele kona.
7Tyetyani ni ye, ni tyele abafundi bake ukuti, u vukile kwabafileyo; bhekani, u ya hamba pambili kwenu ukuya eGalile; ni ya kumbona kona. Bhekani, ngi ni tyelile.
8Ba tyetya ba puma etuneni, be nokwesaba nokutokoza okukulu; ba gijimela ukubika kubafundi bake.
9Be sa ya kubika kubafundi bake, bheka, uJesu wa ba hlangabeza wa ti, Sa ni bona. Ba sondela ba bamba izinyawo zake, ba kuleka kuye.
10Kona uJesu wa ti kubo, A ni ngesabi; hambani ni ye ni bike kubazalwane bami, ba ye eGalile, ba ya kungibona kona.
11Be sa ya, bheka, abanye abalindi ba fika emzini, ba bika kubapristi abakulu konke okwenzekileyo.
12Ba butana namalunga, benza icebo, ba nika amabuto imali iningi.
13Ba ti, Yityoni ukuti, Kwa fika abafundi bake ebusuku, ba m eba, si lele.
14Uma ku zwakala kumbusi, si ya kumvumisa yena, si ni vikele.
15Njalo a tabata imali, enza njengokufundiswa kwabo; lelozwi li sa tyiwo kubaJuda na namhla.
16Abafundi aba ishumi nanye ba ya eGalile, ku leyontaba, uJesu a be ba tyele yona.
17Se be m bonile ba kuleka kuye; kepa abanye ba ngabaza.
18uJesu wa sondela, wa shumayela kubo, wa ti, Ngi piwe amandhla onke a sezulwini na semhlabeni.
19Hambani ni fundise izizwe zonke, ni ba bapatize: egameni lika Yise, neleNdodana ne lika Moya o ingcwele;
20Ni ba fundise ukugcina konke engi ni yale ngako; bhekani, ngi nani izinsuku zonke ku ze ku be sekupeleni kwezwe. Ameni.