1UKUQALA kwevangeli lika Jesu Kristu, iNdodana ka Tixo.
2Njengokulotyiweyo kubaprofeti ukuti, Bheka, ngi ya tuma isigijimi sami pambi kwako, esi ya kulungisa indhlela yako pambi kwako;
3Izwi lomemezayo ehlane lokuti, lungisani indhlela yeNkosi, nenze imendo yayo i qonde.
4uJohane wa e bapatiza ehlane, wa shumayela ukubapatiza kokupenduka, ku tetelelwe izono.
5Kwa pumela kuye izwe lonke la seJudia, naba seJerusalema, ba bapatizwa uye bonke eJordani, be vuma izono zabo.
6uJohane wa embete ingubo yoboya bekameli, nebande lesikumba okalweni lwake; wa e dhla izinkumbi nezinyosi za sendhle;
7Wa shumayela wa ti, Emva kwami ku yeza omkulu ku nami, engi nga fanele ukuba ngi kotame, ngi tukulule imicilo yezicatulo zake.
8Mina ngi ni bapatize ngamanzi: kepa lowo wo ni bapatiza ngoMoya o ingcwele.
9Kwa ti nga leyomihla, wa fika uJesu, e vela e Nazareta la seGalile, wa bapatizwa uJohane eJordani.
10Wa kupuka masinyane emanzini, wa bona izulu li vuleka, noMoya, ku nga ti ijuba, ehla e za pezu kwake.
11Kwa fika izwi li vela ezulwini, la ti, Wena u iNdodana yami etandiweyo engi kolwa iyo.
12Kwa ti masinyane uMoya wa m qubela ehlane.
13Wa e kona ehlane izinsuku ezimashumi amane, e lingwa uSatani; wa e ndawonye nezilwane, wa konzwa izingelosi.
14Ngasemva kokunikelwa kuka Johane etilongweni, kwa fika uJesu eGalile, e shumayela ivangeli lombuso ka Tixo.
15Wa ti, Isikati si pelele, umbuso ka Tixo u sondele; pendukani, ni kolwe ivangeli.
16E sa hamba ngaselwandhle lwaseGalile, wa bona uSimone noAndrea umfo wabo, be ponsa ineta elwandhle; be ngabalobi.
17uJesu wa ti kubo, Ngi landeleni; ngi ya kunenza ni be abalobi babantu.
18Be suka masinyane, ba shiya amaneta abo, ba m landela.
19Se e qubeke incozana, wa bona uJakobe ka Zebedi, noJohane umfo wabo, be semkunjini, be lungisa amaneta abo.
20Wa ba biza; ba shiya uyise uZebedi emkunjini kanye nezisebenzi, ba m landela.
21Ba ya ba ngena e Kapernaume; ngesabata wa ngena endhlini yokusonta, wa fundisa.
22Ba mangala ngokufundisa kwake; wa e ba fundisa njengonamandhla, ku nge njengababali.
23Kwa ku kona endhlini yabo yokusonta umuntu o nomoya omubi, wa memeza,
24E ti, Yeka; si nani kuwe, Jesu wa seNazareta? u ze ukusibubisa na? Ngi ya kwazi ukuba u ubani, u ngo ingcwele ka Tixo.
25uJesu wa m kuza wa ti, Tula, u pume kuye.
26Umoya omubi wa m hlukumeza, wa kala ngezwi elikulu, wa puma kuye.
27Ba mangala bonke, ba buzisana ba ti, Ku ini loku? ikupi loku kufundisa okutya na? u yala omoya ababi ngamandhla, ba m lalela.
28Kwezwakala udumo lwake ezweni lonke la seGalile.
29Se be pumile endhlini yokusonta, ba ngena endhlini ka Simone noAndrea, be noJakobe noJohane.
30Umkwekazi ka Simone wa e lele e nomkuhlane; ba se be m tyela ngaye.
31Wa ya wa m lulamisa, e m bamba ngesandhla umkuhlane wa m yeka masinyane; wesuka wa ba konza.
32Kusihlwa, ilanga se li tyonile, ba zisa kuye abagulayo bonke, naba namademone.
33Umuzi wonke wa u butene ngasemnyango.
34Wa pilisa abaningi be nezifo, ngezifo, wa kipa amademone amaningi; wa e nga vumeli amademone ukuba a kulume, loku a e m azi.
35Ekuseni, ku se mnyama, we suka, wa puma, wa ya endaweni e sehlane, wa kuleka kona.
36uSimone naba be naye ba m landela.
37Se be m fumene, ba ti kuye, Ba ku funa bonke.
38Wa ti kubo, A si ye emizini e seduze, ngi shumayele na kona ngokuba ngi zele loku.
39Wa shumayela ezindhlini zabo zokusonta kulo lonke iGalile, wa kipa amademone.
40Kwa fika kuye o ilepero, wa m ncenga, e guqa ngamadolo pambi kwake, wa ti kuye, Uma u tanda, u nga ngi hlambulula.
41uJesu, e nesihau, welula isandhla, wa m pata, wa ti kuye, Ngi ya tanda, hlambululeka.
42Se e tyilo loku, kwesuka masinyane ubulepero, wa hlambululeka.
43Wa m yalisisa, wa m mukisa;
44Wa ti kuye, Bheka, u nga tyo luto kumuntu; hamba, u zibonise kumpristi; u nikele ngokuhlanjululwa kwako, loko a ku yalelayo uMosi, ku be ukuqinisa kubo.
45Kodwa se e pumile, wa qala ukushumayela kakulu, nokuidumisa leyondaba, kwa za kwa ti uJesu ka be sa ngena emzini obala; wa e ngapandhle ezindaweni ezi sehlane; beza kuye, be vela inxa zonke.