1UJUDA, inceku ka Jesu Kristu, umfo wabo ka Jakobe, kwababiziweyo, abangcwele kuTixo uYise, be gcinwa uJesu Kristu;
2A ku vame kini umusa, nokutula, notando.
3Batandwa, ngi sa kutele nokukutala ukunilobela ngokusindiswa kwetu sonke, kwa sweleka ukuba ngi ni lobele, ngi ni yale, ni ze ni qinise ni ku lwele ukukolwa e se be ku nikiwe abangcwele.
4Ngokuba se be ngenile abantu abatile be nyelela, aba ku miselwe lokukulahlwa pakade, be nga konzi uTixo, be pendula umusa ka Tixo wetu u be icilo, be pika iNkosi eyodwa, iNkosi yetu uJesu Kristu.
5Kepa ngi ya tanda ukunikumbuza, noma kade be ni kwazi loku, ukuti iNkosi lapo se i sindisile abantu i ba kipa ezweni la sEgipite, ya buya ya ba bubisa abangakolwayo.
6Nezingelosi ezi nga gcinanga ubukosi bazo, kodwa za li shiya ikaya, i zi gcinile ebumnyameni ngezibopo ezipakade ku ze ku fike ukwahlulela kosuku olukulu.
7Njengokuba iSodoma neGomora nemizi ya kona, eya hlobonga njengayo, ya landa enye inyama, i misiwe i be umboniso, i lahlwe i ze i tyiswe umlilo opakade.
8Ku njalo laba abapupayo ba yona inyama, ba dela amakosi, ba tuka izikulu.
9Kepa uMikale ingelosi enkulu, lapo e pikisana noSatani, e pika ngesidumbu sika Mosi, wa e nge nakumlahla e tuka, kepa wa ti, iNkosi a i ku jezise.
10Kepa laba ba ku tuka loko a ba nga kwaziyo; ba zona ngaloku aba kwaziyo ngokudabuka kwabo njengezilwane ezingaqondiyo.
11Nako kubona! ngokuba be hamba endhleleni ka Kani, ba gijimela esonweni sika Balami ngenxa yomvuso, ba buba ekupikiseni okuka Kora.
12Laba ba ngamataye emikosini yenu, be dhla nani be nge naluvalo, be zisutisa; ba ngamafu e nge namanzi, e qutywa umoya; ba imiti e bunileyo, e nga teliyo, i file isibili, i sityulwe;
13Ba ngamaza olwandhle a kukumeleyo, a kepuzayo amahlazo awo; izinkanyezi ezindindayo, ezi gcinelwe ubumnyama obunzima ku ze ku be pakade.
14uEnoke, owesikombisa emva kuka Adamu wa profeta ngabo, e ti, Bheka, i yeza iNkosi i nabangcwele bayo aba izinkulungwane ezimashumi,
15I za ukubahlulela bonke, i ba lahle bonke ababi ngayo yonke imisebenzi emibi yabo, abona ngayo, na ngako konke ukutuka aba m tuka ngako ababi abonayo.
16Laba ba ngabasolayo, abatetisayo, be hamba ngokukanuka kwabo; umlomo wabo u kuluma amazwi okuzidhla, be bheka abantu ngenxa yomvuzo.
17Kepa, batandwa, kumbulani amazwi a shunyayelwa pambili abapostoli beNkosi yetu uJesu Kristu;
18Ukuti ba ni tyela ba ti, ngesikati sokupela ku ya kuba kona abahlekisayo, be hamba ngezinkanuko ezimbi zabo.
19Laba ba ngabahlukanayo nabanye; aba kwenyama, be nge naye uMoya.
20Kepa nina, batandwayo, zakeleni ekukolweni kwenu oku ingcwele, ni kuleke ngaye uMoya o ingcwele,
21Ni zigcinie otandweni luka Tixo, ni bheka umusa weNkosi yetu uJesu Kristu, ni ze ni be nokupila okupakade.
22Ba haukeleni abanye, mahlukanisa;
23Ni ba sindise abanye ngokwesaba, ni ba hlwite emlilweni, ni nengwa ingubo e ngcolile inyama.
24A ku be kuyena o namandhla okunilondoloza ni nga wi, a ni beke ni nga bi nacala ebukosini bake ni be nokujabula okukulu,
25Kuye uTixo e yedwa umSindisi wetu, ngaye uJesu Kristu iNkosi yetu, a ku be udumo, nobukosi, namandhla, nobuqawe, ku nga ka bi ko isikati, na manje, na ku ze ku be nini. Ameni.