1KWA ti ngasemva kokufa kuka Mosi, inceku ka Jehova, uJehova wa tyo kuJoshua indodana ka Nuni, induna ka Mosi, wa ti,
2uMosi inceku yami, u file, suka wena u wele leliJordani, wena na lababantu bonke, ni ye ezweni, e ngi ba nika lona, bona abantwana baka Israeli.
3Izindawo zonke, ezi ya kunyatelwa izinyawo zenu, ngi ni nikile zona, njengokutyo kwami kuMosi.
4Ku suka ehlane, na ku leliLebanoni, ku ze ku fike emfuleni omkulu, umfula uUfrate, izwe lonke labaHiti; ku ze ku fike kulo ulwandhle olukulu ngasentyonalanga, ku za kuba umkaulo wenu.
5A ku yi ku ba kona umuntu o ngema pambi kwako izinsuku zonke zokuhamba kwako; njengaloku nga ngi naye uMosi, ngi ya kuba nawe; a ngi yi ku kudela, ngi ku shiye.
6Qina u me isibindi, ngokuba u ya kubabela lababantu izwe, e nga funga ngalo koyise, nga ti, ngi ya kubanika lona.
7Kepa qina u me isibindi impela, ukuba u gcine umteto wonke, a ku nika wona uMosi, inceku yami; u nga pambuki kuwo ukuya ngakwesokunene na ngakwesokohlo, ukuba u buse ezindaweni zonke o hambela kuzo.
8Lencwadi yomteto ma i nga suki emlonyeni wako; zindhla kuyona emini na sebusuku, ukuba u gcine konke okulotyiweyo kuyo; kona u ya kuba nenhlanhla ekuhambeni kwako, kona u ya kubusa.
9A ngi ku yalile na? qina u be nesibindi; u ngesabi, wetuke; ngokuba uJehova uTixo wako u nawe ezindaweni zonke ohambela kuzo.
10Kona uJoshua wa yala izinduna zabantu, wa ti,
11Dabulani ekamu, ni ba yale abantu, ni ti, zilungiseleni ukudhla, ngokuba emva kwezinsuku ezintatu ni ya ku wela leliJordani, ni ngene ni lamkele izwe, uJehova uTixo wenu a ni nike lona, ni lamkele.
12uJoshua wa tyo kwa baka Rubeni, na kwa baka Gadi, na kuyo inxenye yesizwe sika Manasa, wa ti,
13Kumbulani izwi a li tyoyo uMosi kini, inceku ka Jehova, ukuti, uJehova, uTixo wenu, u ya nakisa, u ni nikile lelizwe.
14Abafazi benu, nabantwana benu, nezinkomo zenu zi ya kuhlala ezweni, a ni nika lona uMosi nganeno kweJordani; kepa nina ni ya kuwela pambi kwabafo wenu, ni hlomile, bonke aba namandhla empini, ni ba size;
15uJehova a ze a bakise abafo wenu njengani, ba lamkele izwe, a ba nika lona uJehova uTixo wenu; kona ni ya ku buyela ezweni e na belwa lona, ni lamkele izwe a ni nika lona uMosi, inceku ka Jehova nganeno kweJordani, ngasempumalanga.
16Ba m pendula uJoshua, be ti, Konke o ku tyoyo si ya ku kwenza, na sezindaweni zonke o si tumela kuzo, si ya kuya kona.
17Njengokuba sa m lalela uMosi ezintweni zonke, so ku lalela nawe; kepa uJehova uTixo wako ka be nawe njengokuba wa ye noMosi.
18Lowo ohlubukayo kuwo umyalo wako e nga laleli amazwi ako kuko konke o ku tyoyo kuye, u ya kubulawa; kepa qina u me isibindi.