1UMOSI we suka ematafeni a seMoabi wa ya entabeni iNebo, nga pezu kwePisga, eli bekene neJeriko, uJehova wa m kombisa lonke izwe la seGiladi, ku ze ku fike kuDani.
2Nalo lonke iNafatali, nezwe la seEfraimi, neManasa, nalo lonke izwe la seJuda, ku ze ku fike ekugcineni kolwandhle.
3Naseningizimu, netafa lesigodi seJeriko, umuzi wemiti yesundu, ku ze ku fike eZoa.
4Wa ti, uJehova kuye Nanti izwe e nga li fungela kuAbraham, noIsaka, noJakobe, nga ti, ngi ya kulinika inzalo yenu; Ngenzile ukuba u li bone ngamehlo ako, kodwa a u yi ku welela kulo.
5Njalo uMosi inceku ka Jehova wa fa kona ezweni lase Moabi, njengezwi lika Jehova.
6Wa m gqiba esigodini ezweni lase Moabi nga se Beth-peori; kodwa amuko muntu olaziyo ituna lake ku ze ku be namuhla.
7Iminyaka ka Mosi ya ikulu namashumi amabili ekufeni kwake; iso lake la li nga fipele, namandhla ake a e nga ka peli.
8Abantwana baka Israeli ba m kalela uMosi ematafeni a seMoabi izinsuku ezi ngamashumi amatatu; njalo izinsuku zokukala nokulilela uMosi za pela.
9uJoshua indodana ka Nuni wa e gcwele inhliziyo yokuhlakanipa; ngokuba uMosi wa e bekile izandhla zake pezu kwake; nabantwana baka Israeli ba m lalela, benza njengokuyaleza kuka Jehova kuMosi.
10A ku velanga namunye umprofeti emva kwa loko o njengoMosi, o wa be aziwa uJehova ngobuso.
11Ngezibonakaliso zonke nemimangaliso, a m tumela yona uJehova, ezweni la sEgipite kuFaro, na sezincekwini zonke zake, na kulo lonke izwe lake.
12Na ngesandhla sonke esi namandhla nangokwesabeka konke okukulu, o kwenziwa uMosi emehlweni abo bonke abaIsraeli.