1UMUNTU ozelwe umfazi, imihla yake i incozana, i gcwele usizi.
2U ya kahlela njengembali, a nqunywe; u muka njengetunzi, a ka hlali.
3U bheka ngamehlo ako konje na, u ngi ngenise ecaleni kanye nawe na?
4Ubani o ya kubonisa o hlanzekileyo o zelwe o ncolileyo na? Kako noyedwa.
5Uma imihla yake i nqunyiwe, ubuningi bezinyanga zake bu kuwena, u menzele umkaulo a nge naku u dhlula.
6M yeke a pumule a ze a qede usuku lwake njengesisebenzi.
7Ngokuba ku kona itemba emutini uma u nqunywa, ukuba wo buye u hlume, nokuba ihlumela lawo a li yi kupela.
8Nokuba impande yawo yomela pansi emhlabatini, nesiqu sawo si bola emhlabatini;
9Kepa ngokuzwa kwawo amanzi u ya hluma u kahlele, amagatya awo njengesitombo.
10Kodwa umuntu u ya fa, a pele; umuntu u ya gqabuka, a be pi ke?
11Amanzi a ya muka elwandhle; nomfula u ya tya wome;
12Ku njalo umuntu u ya lala pansi, a nga be sa vuka futi; li ze li dhlule izulu, a ba yi ku vuka, ba papame ebutongweni babo nakanye.
13Sengati u nga ngi tukusa ehaidesi, u ngi beke ekusitekeni, ko ze ku dhlule ulaka lwako, u ngi misele isikati esitile, u ngi kumbule!
14Uma umuntu e fa wo buya a pile na? Zonke izinsuku zokulwa kwami ngi ya kuhlala, ku ze ku fike isikati sokupela kwami.
15U ya kubiza, ngi ya kusabela; u ya ku nxanela umsebenzi wezandhla zako.
16Ngokuba manje u ya bala ukunyatela kwami; a u dhlulise isono sami.
17Ukona kwami ku valelwe esikwameni, u ya zi tungela izono zami.
18Impela lapo intaba i wayo, i ize nje, nedwala li susiwe endaweni yalo.
19Amanzi a ya gumba amatye ukuhamba kwawo ku ya kukula izinto ezihlumayo emhlabatini; u ya qeda itemba labantu.
20U ya mahlula njalo u ya pela; u ya guqulela ubuso bake, u m mukise;
21Amadodana ake a tola inhlanhla, yena a nga kwazi, a ya hlupeka, kodwa a boni luto kuwo.
22Kodwa inyama e kuye i nobuhlungu, nompefumlo o kuye u ya kala.