1ISO lami li ku bonile konke, indhlebe yami i ku zwile, i zizwele kona.
2Loko okwaziwa inina nami ngi ya kwazi; a ni ngi dhluli.
3Kodwa ngi ya ku kuluma kuSomandhla, ngi fisa ukuzihlanza kuTixo.
4Kepa nina ni ngabaqambi bamanga, ni izinyanga ezi nga sizi luto nonke.
5Sengati ni nga tula ni ti du! loko ku nga ba ukuhlakanipa kwenu.
6Lalelanike ukuqonda kwami, ni zwe ukuncenga komlomo wami.
7Ni ya ku m kulumela uTixo okubi na? ni m kulumele ngamacebo na?
8Ni ya ku m mela ni bheke ubuso bake na? ni ya ku m pikela uTixo na?
9Ku ya kuba kuhle kini ukuba a ni hlole? nembala ni nga m kohlisa, njengokuba umuntu e kohliswa na?
10Impela u ya kunijezisa, uma ngasesita ni ba vumela abanye ngokuketa.
11Ubukulu bake a bu yi ku netusa na? ukwesabeka kwake a ku yi ku nehlela na?
12Iziga zenu zi fana nomlota, izihlangu zenu zi izihlangu zebumba.
13Tulani, ni ngi yeke, ngi ze ngi kulume, nokuba ku fikani kimi, a ku fike.
14Ku ngani ukuba ngi tabate inyama yami ngamazinyo ami, ngi beke ukupila kwami esandhleni sami?
15Nokuba e ngi bulala ngo metemba; kodwa ngi ya ku qinisa izandhla zami pambi kwake.
16Loko ku ya kuba usindiso lwami; ngoba umzenzisi ka nako ukuza pambi kwake.
17Lalelani kahle ukushumayela kwami, nokutyo kwami ma ku zwakale ezindhlebeni zenu.
18Bheka manje se ngi lungisile indaba yami; ngi yazi ukuba i ngi lungele.
19Ubani o za kupikisana nami? ngokuba manje, uma ngi tula, ngi ya kugqabuka.
20U ngenzi izinto ezimbili kimi; kupela konake a ngi yi ku kucatyela.
21Finyeza isandhla sako si be kude nami; ukwesabeka kwako ma ku nga ngetusi.
22Konake biza, ngi ya kusabela; vuma ngi kulume, u ngi pendule.
23Izono zami nezipambuko zami zi ngakanani na? ngazise ukona kwami nesono sami.
24Ku ngani ukuba u ngi fihlele ubuso bako, u ngi patise okwesita sako?
25Wo li fohloza iqabunga eli pepetekayo umoya, wo landela izibi nje na?
26Ngokuba u loba ngami oku lusizi, u ngenza ngi dhle ifa lezono zobutya bami.
27U faka izinyawo zami ezingongolweni u linde izindhlela zonke zami, u yemba ngasezitendeni zezinyawo zami.
28Yena u ya ncipa, njengento ebolileyo, njengengubo e dhliwe izinyundu.