1KWA ti e dhlula, wa bona umuntu o be impumpute iloku wa zalwa.
2Abafundi bake ba m buza ba ti, Rabi, kona ubani, ku na lomuntu, ku nabazali bake, a zalwe e impumpute na?
3uJesu wa pendula wa ti, A konanga naye, nabazali bake; kodwa ukuba ku bonakaliswe ngaye imisebenzi ka Tixo.
4Nga ngi sebenza imisebenzi yongitumileyo ku semini; ku yeza ubusuku, lapo ku nge be ku sa sebenza muntu.
5Nxa ngi kona ezweni, ngi ukukanya kwezwe.
6Se e tyilo loku wa fela emhlabatini, wenza udaka ngamate wa ninda udaka emehlweni empumpute.
7Wa ti kuye, Hamba u geze ecibini la seSiloma (ukuti ngokukunyushwa, ku tunyiwe). Wemuka, wa geza, weza e bona.
8Abakelene naye, naba be m bonile pambili e impumpute, ba ti, A siye lo owa be e hlezi, e cela ukupiwa na?
9Abanye ba ti, Uyena; abanye ba ti, U fana naye; yena wa ti, Ngi uye.
10Ba ti kuye, Amehlo ako a vulwa kanjani na?
11Wa pendula wa ti, Umuntu o tiwa uJesu, wenza udaka, wa ninda amehlo ami, wa ti kimi, Hamba u ye ecibini la seSiloma, u geze; nga ya, nga geza, nga bona.
12Ba ti kuye, Upi yena na? Wa ti, A ngazi.
13Ba m zisa kubaFarisi o kade e impumpute.
14Kwa ku iSabata, lapo uJesu wenza udaka, wa vula amehlo ake.
15abaFarisi ba buya ba m buza ukuba u bona kanjani. Wa ti kubo, Wa beka udaka emehlweni ami, nga geza, se ngi bona.
16Abanye kubaFarisi ba ti, A siye oka Tixo lomuntu, loku e nga gcina iSabata. Abanye ba ti, Umuntu o isoni a nga zenza kanjani izibonakaliso ezinje na? Kwa ba kona ukwahlukana pakati kwabo.
17Ba buya ba ti kuyo impumpute, Wena u tini ngaye loku e vule amehlo ako na? Wa ti, U umprofeti.
18Kepa abaJuda a ba kolwanga ngaye ukuti, wa be impumpute, u se bona, ba za ba biza abazali bake o se bhekile.
19Ba ba buza, be ti, Lo u indodana yenu, eni ti, wa zalwa e impumpute na? u se bona kanjani manje na?
20Abazali bake ba ba pendula ba ti, Si yazi, lo u indodana yetu, wa zalwa e impumpute.
21Kodwa a sazi ukuba u se e bona kanjani: u se kulile, m buzeni, wo zipendulela yena.
22Abazali bake ba tyo loku ngokuba besaba abaJuda: abaJuda ba be se be vumelene ukuba, uma e kona umuntu o vuma ukuti u nguKristu, a lahlwe.
23Njalo abazali bake ba ti, U se kulile, m buzeni.
24Ba buya ba m biza ngokwesibili lomuntu owa be e impumpute, ba ti kuye, M bonge uTixo: si yazi, lomuntu u isoni.
25Wa pendula wa ti, A ngazi ukuba u isoni; ngazi loku kokuti, be ngi impumpute, se ngi bona.
26Ba buya ba ti kuye, Wenzani kuwe? wa vula kanjani amehlo ako na?
27Wa ba pendula wa ti, Se ngi ni tyelile; a ni zwanga; ni tandelani ukubuya ni zwe na? ni ya tanda ini nani ukuba abafundi bake na?
28Ba m tuka, ba ti, Wena u ngumfundi wake, kepa tina si ngabafundi baka Mosi.
29Si yazi, uTixo wa kuluma noMosi; kodwa lo a si m azi lapa e vela kona.
30Lomuntu wa pendula wa ti kubo, Loku ku isimangalise, a ni mazi lapa e vela kona, noma wa vula amehlo ami.
31Si yazi, uTixo ka zi zwa izoni; kodwa uma umuntu e hlonipa uTixo, a yenze intando yake, u ya mu zwa lowo.
32A ku zanga ku zwakale, iloku kwa dabukayo izwe, ku tiwa, amehlo omuntu o be e zelwe e impumpute a vulwa.
33Uma lo e nge siye oka Tixo a ngenze luto.
34Ba pendula ba ti kuye, Wena wa zalwa ezonweni impela, u ya si fundisa tina na? Ba m lahla.
35uJesu wezwa ukuti ba m lahlile; se e m fumene, wa ti kuye, U ya kolwa iNdodana ka Tixo na?
36Wa pendula wa ti, U ubani, Nkosi, ngi ze ngi kolwe uye?
37uJesu wa ti kuye, Se u m bonile, uyena o kuluma nawe.
38Wa ti, Ngi ya kolwa, Nkosi. Wa m dumisa.
39Wa ti uJesu, Ngi ze ku lelizwe ku be ukwahlula, ukuba abangaboniyo ba bone, ababonayo ba be izimpumpute.
40Bezwa loku aba kubaFarisi aba be naye, ba ti kuye, Nati si izimpumpute na?
41uJesu wa ti kubo, Uma ni izimpumpute, nga ni nge nasono; kodwa kaloku ni ti, Si ya bona; njalo ku mi isono senu.